“Angisamtholi Ekhaya!”
Ingabe wake wakusho lokho ngothile owayebonise isithakazelo? Nakuba usuzame kaninginingi ukumvakashela, awukwazi ukunisela imbewu yeqiniso oyitshalile. (1 Kor. 3:6) Ngezinye izikhathi, abamemezeli abanokuhlangenwe nakho bambhalela incwadi umuntu abangasamtholi ekhaya noma bamshiyele umlayezo omfushane emnyango. Abanye abamemezeli bayabona uma kuzoba inselele ukuphinde bamthole esekhaya umuntu, bese becela inombolo yakhe yocingo, mhlawumbe ngokumbuza, “Uyazisebenzisa izingosi zokuxhumana?” Singase sibike impindelo uma simbhalela incwadi, simthumelela i-e-mail, simthumelela umlayezo ngomakhalekhukhwini, simshiyela umlayezo omfushane emnyango noma simshayela ucingo. Ngisho noma engatholakali njalo ekhaya, singakwazi ukuqhubekisela phambili isithakazelo anaso.