‘Ukufuna Amazwi Enamisayo, Amazwi Afanele’
“UMSHUMAYELI wafuna ukuthola amazwi enamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.” (UmShumayeli 12:10) Yeka indlela angaba igugu ngayo ‘amazwi enamisayo, afanele’ asekelwe emiBhalweni ephefumlelwe! Afaniswa ‘nama-apula egolide asezitsheni zesiliva,’ anobuciko futhi ahloniphekile nganoma yisiphi isikhathi futhi ayigugu ezimweni ezicindezelayo.—IzAga 25:11, qhathanisa neNW.
Osukwini lwethu umShumayeli Omkhulu, uJesu Kristu, uye wanikeza ingcebo engokomoya eyidlula kakhulu leyo eyayijatshulelwa abantu bakaNkulunkulu ngaphansi kwamakhosi akwaIsrayeli wasendulo. (Mathewu 12:42) Ngaphezu kwekhulu leminyaka, amazwi enamisayo, afanele eqiniso ahlanganisa zonke izici zokuphila aye anikezwa ezincwadini zeWatch Tower Society futhi asakazwa kabanzi ngezilimi eziningi. Ngaleyondlela imikhaya eminingi kanye nabantu ngabanye baye bakwazi ukuqoqela emakhaya abo umtapo wezincwadi okungabhekiselwa kuzo ezinokwethenjelwa eziphathelene neBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, amabandla amaningi oFakazi BakaJehova anemitapo emihle yezincwadi yokusetshenziswa emaHholo awo oMbuso.
Nokho, ukuthola amazwi enamisayo, afanele adingekayo esimweni esithile kusakudinga ukucwaninga. Ikuqaphela lokhu, kusukela ngasekuqaleni komlando wayo, iWatch Tower Society iye yakhipha amaindex ezincwadi zayo.—Bheka ibhokisi emakhasini 28 no-29.
Indlela Entsha
Unyaka ka-1985 waqalisa ikhasi elisha emlandweni wamaWatch Tower Publications Index. AmaIndex angaphambili ayisishiyagalolunye ahlanganiswa futhi avunyelaniswa emqulwini owodwa ohlanganisa u-1930 kuya ku-1985, umsebenzi odinga umzamo womuntu weminyaka engu-14. Ngo-1986 izinzuzo zaleyoIndex ewumqulu owodwa ohlanganisa iminyaka eminingi zaholela endleleni entsha, yokukhipha amaIndex ahlanganiswe ndawonye kusukela lapho. Unyaka ngamunye, ngokuvamile eminyakeni emine elandelanayo, i-Index eyincwajana iyohlanganisa unyaka owodwa, emibili, emithathu, bese kuba emine. Njalo ngemva kweminyaka eyisihlanu, i-Index enoqwembe oluqinile iyohlanganisa wonke amaIndex asukela ku-1986 kuya phambili, njengo-1986-90, 1986-95, kuqhubeke. Kanjalo, akudingekile ukubheka amaIndex angaphezu kwamathathu: i-1930-85 Index, i-Index yamanje enoqwembe oluqinile, kanye neyamanje eyincwajana.
I-Index Ilungiselelwe Kucatshangwa Ngawe
Ingxenye yokuqala kuyi-Index ngayinye eyohlu lwezindaba. Ekulungiseleleni uhlu lwezindaba, kucatshangwa ngemibuzo emibili: (1) Yikuphi ukwaziswa okufanele kufakwe ohlwini? (2) Kukuphi lapho othile angase abheke khona ukuze athole lokho kwaziswa?
Njengomfundi, kuyoqabukela nje uba nesithakazelo ekutholeni ukukhulunyelwa ngakunye okuncane kwendaba. Njengoba ngokuvamile ubheka ukwaziswa okubalulekile noma okuwusizo ngempela, lokhu yikho kanye okufakwe ohlwini. Kodwa ukwaziswa okunjalo akudingeki ukuba kube kuningi. Isikhombo seIndex singabhekisela kokuncane njengomusho owodwa, njengamazwi aveza isimiso seNhlangano kuleyondaba. Noma singase sihlanganise isihloko esiphelele, ngisho nencwadi yonke. Nokho, ngokuvamile isikhombo siholela ezigabeni ezihlukahlukene zengxoxo.
Umbuzo wokuthi izikhombo kufanele zitholakalephi kuyi-Index nawo ubaluleke ngokufanayo, ngoba abafundi bacabanga ngokungafani futhi bayobheka ngaphansi kwezihloko ezihlukene. Ngokwesibonelo, ukwaziswa ngoMbhoshongo waseBabele kutholakala ngaphansi kwesihloko esithi TOWER OF BABEL. Kodwa abanye abafundi bangase babheke ngaphansi kwesihloko esithi BABYLON, ARCHAEOLOGY, noma LANGUAGE(S), kuye ngesici sendaba abanesithakazelo kuso. Ngakho-ke, kuye kwenziwa imizamo yokuphinda izikhombo ngaphansi kwezihloko ezifanele ezihlukahlukene, kukhunjulwa ukuthi abafundi banobudala nezizinda ezihlukahlukene, futhi banezinjongo ezihlukene.
Indlela I-Index Engakusiza Ngayo
Njengebalazwe i-Index ingakusiza kuphela uma uyisebenzisa. Yini okufanele ulindele ukuyithola ohlwini lwezindaba noma engxenyeni yohlu lwemiBhalo engemva kwalo.
Izikhombo ezisengxenyeni yohlu lwemiBhalo zingezokwaziswa okuchaza ivesi ngalinye. Ungase uthole incazelo yomongo okwashiwo kuyo amazwi ombhalo othile, isizathu sokuba ubhalwe, wawusebenza kobani, noma incazelo yamagama ngamanye noma imishwana. Isibonelo kungase kube isicelo emthandazweni kaJesu oyisibonelo: “Ungasingenisi ekulingweni.” (Mathewu 6:13) Kungani sashiwo ngaleyondlela? Uhlu lwemiBhalo luyokusiza ukuba uthole impendulo.
Uhlu lwezindaba, njengoba igama lalo lisho, luwuhlu ngokuyinhloko lwezindaba kunokuba lube olwamagama noma imishwana. Lapho bezama ukuthola indaba ngesihloko sayo, abanye abafundi baye baba nobunzima ekuyitholeni. Lenkinga ingase ivele uma lingekho igama esihlokweni elikhomba endabeni ngempela. Isibonelo kungase kube indaba ethi “How Much Is Too Much?,” esixoxa ngemiphumela yotshwala. Ukhumbula okuqukethwe indaba, ungase uphenye kwesithi ALCOHOLIC BEVERAGES noma DRINKING kuyi-Index, futhi uyosithola isikhombo sayo lapho.
I-Index ingaba usizo olukhethekile ekutholeni ukwaziswa ngezinkinga ongase ubhekane nazo. Ngokwesibonelo, uma ungumzali, ingabe ngezinye izikhathi uzizwa ukhungathekile emzamweni wakho wokuyala nokuqondisa abantwana bakho? Ngaphansi kwesithi CHILDREN uyothola izikhombo ezibhekisela kokuningi okunikeza ukuqondisisa ngendlela yabo yokucabanga, imizwa, kanye nezidingo. Nokho, ngaphansi kwesihloko esithi CHILD TRAINING, uyothola izikhombo zokufundisa nokuyala ngazo zonke izici zako.
Ngezinye izikhathi iWatch Tower Society ithola izicelo ezibhaliwe zosizo ekuxazululeni izinkinga zomshado noma imibuzo ngokufaneleka kokuziphatha okuthile kobulili emshadweni. Nakuba iNhlangano ingase ikwazi ukuphendula, iseluleko esifanayo esibucayi, esiwusizo singatholakala ngokuphenya esihlokweni esithi MARRIAGE, kanye nezihlokwana zaso ezithi “problems” nesithi “sex” noma “sexual relations,” nangokubheka izikhombo ezibhalwe lapho.
Kutholakala futhi nezincwadi ezivela kulabo abacindezelekile noma abanokucindezeleka kwengqondo. Ukuqinisekiswa nosizo olunikezwa ngeposi kungatholakala ngokushesha ngokwengeziwe emtatsheni wezincwadi wakho siqu noma oseHholo LoMbuso elisendaweni yakini ngokuhlola izihloko ezithi DEPRESSION nesithi MENTAL ILLNESS kuyi-Index. Kuye kwabhekiselwa ezindabeni ezichaza indlela yokubhekana nezifo zengqondo, ukwelashwa okutholakalayo, kanye nokuhlangenwe nakho okuthinta inhliziyo kwalabo ababecindezelekile.
Ingabe ungosemusha? Ungase ube nokukhathazeka ngomshado, ukuphila komkhaya, isikole, ubuhlobo bakho nabazali bakho, kanye nokunye. Isihloko esikhulu esithi YOUTHS sinezikhombo ngaphansi kwazo zonke lezizihlokwana kanye nezinye ezengeziwe. Ngaphezu kwalokho, izihloko ezinjengezithi RELATIONSHIPS, SCHOOLS, CAREER, nesithi COURTSHIP ziqukethe okuningi kakhulu. Ngokuqondene nezindaba zesikole, i-Index ingakuholela ekwazisweni okuhle ngemvelo, isayensi, izidakamizwa, ezomnotho, kanye nezinye izindaba eziningi.
Izinzuzo Kubantu Babo Bonke Ubudala
Owesifazane oneminyaka engu-81 ubudala wabhala: “Izincwadi nomagazini ziyimayini yegolide yokwaziswa nokuqina ngokomoya—futhi i-Index ikhiphela lelogolide ngaphandle.” Umama onomntwana oneminyaka eyisishiyagalombili noneyisishiyagalolunye ubudala wathi: “Manje ngiyazibuza ukuthi ngangiyophumelela kanjani ngaphandle kwayo. Iye yangiholela ezimpendulweni zemibuzo eminingi engiye ngazibuza yona isikhathi eside futhi iye yenza ukucwaninga ngesikhathi sokulungiselela imihlangano yebandla kwaba lula kakhulu. . . . Ngingathanda futhi nokunitshela indlela lencwadi eye yasiza ngayo isifundo seBhayibheli somkhaya wethu. . . . Lapho umyeni wami enikeza amantombazane ethu ithuba lokukhetha lokho angathanda ukukwenza, ngokuvamile afuna ukucwaninga esebenzisa leIndex. Ayakujabulela ukukhetha indaba anesithakazelo kuyo, njengezilwane azithandayo noma amazwe ahlukahlukene, futhi ayakwazi ukubheka ukwaziswa ngaphandle kokusizwa kangako. Lokhu futhi kuye kwawafundisa ukuthi isifundo seBhayibheli siyajabulisa.”
Ukucwaninga amazwi enamisayo namazwi afanele eqiniso kunemivuzo eyigugu. Imizamo yomShumayeli yanikeza izinzuzo eziyedlula kakhulu injongo yakhe yasekuqaleni, ngoba amazwi anjalo aye asiza ekukhuthazeni nasekuqondiseni izinceku zikaJehova kuze kube namuhla. Imizamo yethu efana neyakhe nayo iletha isibusiso sikaJehova, esinemiphumela engahlala phakade.—IzAga 3:13-18, 21-26.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 28, 29]
AmaIndex Akuqala
Ngo-1902 uhlelo olukhethekile lweHolman Parallel Edition Bible lwakhishelwa iWatch Tower Society, futhi lwaluqukethe usizo oluningi olulungiselelwe iNhlangano. Isithasiselo salo sasinakho kokubili izikhombo zezindaba nezemiBhalo ezazibhekisela ochungechungeni lwezincwadi ezithi Millennial Dawn (kamuva ezaziwa ngokuthi iStudies in the Scriptures), izincwajana ezimbili ezibalulekile, kanye neZion’s Watch Tower ka-1879-1901.
AmaBhayibheli abaseBerea ka-1907 nangemva kwalokho ayenezinhlu ezifanayo zezikhombo. Ngo-1922 lezi zathathelwa indawo izinhlu zezikhombo eziningi ezazibhekisela kuzo zonke izincwadi zeNhlangano. Lezinhlu zezikhombo zavela kowokugcina wemiqulu eyisikhombisa yeWatch Tower enyatheliswe kabusha (1879-1919). Kuze kube namuhla lezi ziyindlela eyinhloko yokuthola ukwaziswa okwanikezwa ezincwadini zakuqala zeWatch Tower Society.
Nokho, eminyakeni engu-40 eyalandela, ukucwaninga ezincwadini ezakhululwa ngemva kuka-1919 kwadingeka ukuba kwenziwe ngokusebenzisa izinhlu zezikhombo ezazigcwele emuva ezincwadini nakumagazini wokugcina wonyaka ngamunye. Kodwa ngo-1959 iNhlangano yaqalisa umsebenzi omkhulu wokukhipha isikhombo sezindaba nesemiBhalo emqulwini owodwa wezincwadi zayo zesiNgisi. Kwaqoqwa iqembu labantu elalihlanganisa amalungu ezisebenzi zasendlunkulu, izithunywa zevangeli ezineziqu zeWatchtower Bible School of Gilead, ngisho nababonisi abajikelezayo abavela eDolobheni laseNew York. Ngemva komzamo obumbene wonyaka nengxenye wezisebenzi ezizinikezele ezingu-18, iWatch Tower Publications Index yokuqala, enezingxenye zezindaba ezikhulunyelwe kanye nemibhalo echaziwe, ehlanganisa iminyaka engu-31 kusukela ku-1930 kuya ku-1960, yakhululwa. Yakhululwa okokuqala ezilalelini ezazithokozile zemiHlangano Yabakhulekeli Abanobunye ka-1961.
Kusukela lapho, iWatch Tower Publications Index iye yakhishwa ngesiNgisi unyaka ngamunye, kanye neIndex ehlanganisa engeziwe enesembozo esiqinile njalo ngemva kweminyaka emihlanu.