Ibhokisi Lemibuzo
◼ Yini okufanele ifundwe izingane ukuze zibe abantu abavuthiwe ngokomoya?
Abazali abangamaKristu benza lukhulu ukuze bakhulise izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efe. 6:4) Ngokwesibonelo, abazali baye bakuthola kuzuzisa ukufunda umbhalo wosuku nezingane zabo njalo ekuseni. Phakathi nokukhulekela komkhaya nangezinye izikhathi, imikhaya ingase ibuke futhi ixoxe nge-video ndawonye, ixoxe ngesihloko esithile esisencwadini ethi Intsha Iyabuza, idlale indaba eseBhayibhelini noma iprakthize okuthile. Nokho ukuze izingane ‘ziphokophelele ekuvuthweni,’ kumelwe zifundiswe namaqiniso ajulile eBhayibheli.—Heb. 6:1.
Cabanga ngalokho esikufundisa labo esihlangana nabo ensimini. Ekuhambeleni kokuqala noma lapho senza impindelo, ngokuvamile sizama ukuqala isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Lapho sesiyiqedile, sisebenzisa incwadi ethi “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu.” Kungani? Incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli inikeza abafundi ulwazi lwemiBhalo oluyisisekelo. Incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu” ibafundisa indlela yokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Ukuzifunda zombili lezi zincwadi kusiza abafundi abasha ‘bagxile’ kuKristu futhi ‘basimamiswe okholweni.’ (Kol. 2:6, 7) Lezi zincwadi ngeke yini zizisize nezingane zethu? Nazo kudingeka zifundiswe ngesihlengo, ngoMbuso nangesimo sabafileyo. Kudingeka zazi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nokuthi singazibona kanjani izinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto. Kumelwe zikholiseke ukuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo yeqiniso. Izingane kudingeka ziqonde izimiso zeBhayibheli nendlela yokuqeqesha ‘amandla azo okuqonda.’ (Heb. 5:14) Kuyiqiniso ukuthi abazali kumelwe bacabangele iminyaka yobudala nezinga lokuqonda lezingane zabo. Nokho, izingane eziningi zikwazi ukufunda amaqiniso ajulile eBhayibheli zisencane.—Luka 2:42, 46, 47.
Ukuze kusizwe abazali, izinsiza-kufundisa ezisekelwe encwadini ethi Okufundiswa IBhayibheli zizotholakala engosini ethi jw.org. Imikhaya ingazithola engosini yethu esihlokweni esithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA. Ngokuhamba kwesikhathi kuzonezelwa izindlela zokutadisha ezisekelwe encwadini ethi “Othandweni LukaNkulunkulu.” Kuyiqiniso ukuthi nezincwadi ezinyathelisiwe zingasetshenziswa. Abazali banganquma ukuthi bazoyisebenzisa yini le ncwadi phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya, lapho befundela enye yezingane zabo noma lapho beqeqesha ingane ukuba ibe nesifundo sayo somuntu siqu.