ISimiso Sesonto Lika-March 4
ISONTO ELIQALA NGO-MARCH 4
INgoma 62 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 6 ¶7-12, nebhokisi ek. 73 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Marku 9-12 (10 imiz.)
No. 1: Marku 11:19–12:11 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ingabe Ukujeziselwa Isono Okuqhubekayo Kuyafaneleka Ngemva Kokufa Komuntu?—rs k. 127 ¶6–k. 128 ¶4 (5 imiz.)
No. 3: Okwenza Ukuzinikezela KuNkulunkulu Kulethe Injabulo—IzEnzo 20:35 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-March. Ingxoxo. Cela izilaleli ziphawule kule mibuzo elandelayo: Phakathi nezimpelasonto esizobe sihambisa ngazo isimemo, iziphi izimo eziyonquma ukuthi uyabahambisa yini nomagazini? Uyowethula kanjani umagazini ngemva kokuhambisa isimemo? Nakuba izintshumayelo eziyisibonelo zihlanganisa umbuzo kanye nomBhalo, ungayifushanisa kanjani intshumayelo yakho? Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani kanye nesimemo.
10 imiz: Zuza Kwethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2013. Ingxoxo. Xoxani kafushane ngombhalo wonyaka otholakala emakhasini 3-4 nangesihloko esithi “Indlela Yokusebenzisa Le Ncwajana,” esisekhasini 5. Yibe usucela izilaleli zisho ukuthi ziwufunda nini umbhalo wosuku nokuthi zizuze kanjani kulokho. Phetha ngokubakhuthaza bonke ukuba bafunde umbhalo wosuku nsuku zonke.
10 imiz: Izidingo zebandla.
INgoma 119 Nomthandazo