IZaziso
◼ Isipho ngo-February: Hambisani enye yalezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?’ nethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu! Lapho nenza izimpindelo, zamani ukuqala isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma, uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomuntu, nisebenzise incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade. Ngo-March no-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo, yethulani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomuntu, kube incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese nizama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-May: Hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? nanoma iliphi elinye ipheshana ibandla elinalo esitokweni. Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani usebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile ngenkathi yeSikhumbuzo sika-2013 iyoba nesihloko esithi “Ingabe Uma Usufile Sekuphelile Ngawe?”
◼ Kulungiselelwe uhlaka olusha lwenkulumo yeSikhumbuzo futhi zonke izikhulumi kufanele zisebenzise lona kusukela ngo-2013. Isihloko salo sithi, “Bonisa Ukuthi Uyakwazisa Lokho UKristu Akwenzele Kona!”
◼ Umkhankaso wensimu engabelwe ngo-2012 waba impumelelo enkulu. Ensimini engaphansi kwegatsha lakithi, leli lungiselelo lasekelwa amabandla angu-433 nabamemezeli abangu-7 987. Bahambisa izincwadi ezingu-8 829, izincwajana ezingu-32 682 nomagazini abangu-82 795 kubantu abathakazelayo, okwenza kwaba nezimpindelo ezingu-5 062, kwaqhutshwa nezifundo zeBhayibheli ezingu-778. Manje siwubheke ngabomvu umkhankaso wensimu engabelwe ka-2013.