Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-February 25, 2013. Kufakwe nosuku okuyoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye ukuze kwenziwe ucwaningo lapho kulungiselelwa isikole isonto ngalinye.
1. Kungani uJesu athi “abalilayo” bayojabula? (Math. 5:4) [Jan. 7, w09 2/15 k. 6 isig. 6]
2. Emthandazweni oyisibonelo uJesu awufundisa abafundi bakhe, wayesho ukuthini lapho ethi: “Ungasingenisi esilingweni”? (Math. 6:13) [Jan. 7, w04 2/1 k. 16 isig. 13]
3. Kungani uJesu athi abafundi bakhe babengeke bayijikeleze yonke imizi beshumayela “ingakafiki iNdodana yomuntu”? (Math. 10: 23) [Jan. 14, w10 9/15 k. 10 isig. 12; w87 8/1 k. 8 isig. 6]
4. Iziphi izinto ezimbili eziqokonyiswa umfanekiso kaJesu wohlamvu lwesinaphi? (Math. 13:31, 32) [Jan. 21, w08 7/15 kk. 17-18 izig. 3-8]
5. Isiphi isifundo esasifundiswa uJesu lapho ethi: “Ngaphandle kokuba niguquke futhi nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wamazulu”? (Math. 18:3) [Jan. 28, w07 2/1 kk. 9-10 izig. 3-4]
6. Asho ukuthini amazwi kaJesu athi “wena ngokwakho ushilo”? (Math. 26:63, 64) [Feb. 11, w11 6/1 k. 18]
7. Kungani uJesu ebizwa ngokuthi “iNkosi ngisho neyesabatha”? (Marku 2:28) [Feb. 18, w08 2/15 k. 28 isig. 7]
8. Kungani uJesu akhuluma ngendlela akhuluma ngayo ngonina nangabafowabo, futhi lokhu kusifundisani? (Marku 3:31-35) [Feb. 18, w08 2/15 k. 29 isig. 5]
9. Njengoba kulotshwe kuMarku 8:22-25, kungani uJesu aphulukisa impumputhe kancane kancane, futhi thina sifundani kulokhu? [Feb. 25, w00 2/15 k. 17 isig. 7]
10. Sifundani endleleni uJesu asabela ngayo ngenkathi ekhuzwa nguPetru kuMarku 8:32-34? [Feb. 25, w08 2/15 k. 29 isig. 6]