ISimiso Sesonto Lika-January 2
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 2, 2012
INgoma 118 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 15 ¶1-7, nebhokisi ek. 116 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Isaya 24-28 (10 imiz.)
No. 1: Isaya 27:1-13 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ungalungabazi Nanini Uthando UJehova Analo Ngawe—Isaya 57:15 (5 imiz.)
No. 3: Iyini Injongo Yokuphila Komuntu?—rs k. 315 ¶1–k. 316 ¶1 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izaziso. Kusetshenziswa intshumayelo eyisibonelo ekuleli khasi, makube nomboniso wokuthi singaqalwa kanjani isifundo seBhayibheli ngoMgqibelo wokuqala ku-January.
10 imiz: Izidingo zebandla.
15 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-January. Ingxoxo. Sebenzisa umzuzu kuya kwemibili usho izihloko ezimbalwa ezingase zikhange ensimini yenu. Ngemva kwalokho, kusetshenziswa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele umbuzo ongavusa isithakazelo kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nangesihloko esikuyi-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, ningadlulela nakwesinye isihloko komunye walabo magazini. Khuthaza abamemezeli ukuba benze umzamo okhethekile wokuhambisa i-Phaphama! ensimini yamabhizinisi. Cela umbonisi wenkonzo asho amalungiselelo ebandla okwenza lokhu. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani. Lapho kwenziwa umboniso we-Phaphama!, makuboniswe ukuthi ingasetshenziswa kanjani ensimini yamabhizinisi.
INgoma 86 Nomthandazo