Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/11 k. 3
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 12/11 k. 3

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-December 26, 2011.

1. Iseluleko esisencwadini yezAga 30:32 singasisiza kanjani ukuba sigweme ukumcasula ngokwengeziwe umuntu okungenzeka simonile? [w87 5/15 k. 30 isig. 11]

2. Hlobo luni ‘lokujabula’ okushiya umuntu enomuzwa wokunganeliseki? (UmSh. 2:1) [g 4/06 k. 6 izig. 1-2]

3. Nakuba abanye abantu bephetha ngokuthi amazwi kaSolomoni akumShumayeli 3:1-9 asekela inkolelo yokudalelwa, lokho akuloba kumShumayeli 9:11 kuyicacisa kanjani le ndaba, kubonise ngokucacile ukuthi zonke izinto ezisehlelayo ekuphileni azinqunywa ukudalelwa? [w09 3/1 k. 4 isig. 4]

4. Iyiphi ingozi ekhona ngokuba “olunge ngokwedlulele”? (UmSh. 7:16) [w10 10/15 k. 9 izig. 8-9]

5. IsiHlabelelo SeziHlabelelo 2:7 sibonisa kanjani ukuthi labo abacabanga ukushada bayobe benza ngokuhlakanipha uma bengaxhamazeli lapho bekhetha umngane womshado? [w06 11/15 k. 19 isig. 1; w80-ZU 10/15 k. 21 isig. 7 (w80 4/15 k. 19 isig. 7)]

6. Kusho ukuthini ukuthi ‘izindebe zomShulamiti ziconsa uju lwamakhekheba’ nokuthi ‘ngaphansi kolimi lwakhe kunoju nobisi’? (IsiHl. 4:11) [w06 11/15 k. 19 isig. 6]

7. Iziqu ezithi “uMeluleki Omangalisayo,” “uNkulunkulu Onamandla,” nesithi “uYise Ongunaphakade” zisenza kanjani siqonde izimfanelo zikaJesu nokubusa kwakhe ezweni elisha? (Isaya 9:6) [w91 4/15 k. 5 isig. 7]

8. Obani namuhla abangafaniswa ‘nesizwe sakwa-Israyeli esiyisihlubuki,’ futhi obani abayokhonza ‘njengentonga’ kaJehova yokusibhubhisa? (Isaya 10:5, 6) [ip-1 k. 145 izig. 4-5; k. 153 isig. 20]

9. Kungani isibikezelo sika-Isaya sokuthi iBhabhiloni “ngeke liphinde lakhiwe” siphawuleka kangaka, futhi ukugcwaliseka kwaso kusiqinisekisa ngani namuhla? (Isaya 13:19, 20) [g 11/07 k. 9 izig. 4-5]

10. UJesu wasithola nini “isihluthulelo sendlu kaDavide,” futhi ubelokhu esisebenzisa kanjani lesi sihluthulelo? (Isaya 22:22) [w09 1/15 k. 31 isig. 2]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela