ISimiso Sesonto Lika-September 20
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 20
INgoma 37 (46)
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cf isahl. 10 ¶18-23 nebhokisi ek. 107
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 2 AmaKhosi 19-22
No. 1: 2 AmaKhosi 20:1-11
No. 2: Kungani Kufanele Sibe Mnene? (Math. 5:5)
No. 3: Umuntu Angamthanda Kanjani UJehova Uma Kumelwe Futhi Amesabe? (rs k. 247 ¶4-5)
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 105 (175)
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Sisebenze Kanjani Ngonyaka Odlule? Inkulumo ngombonisi wenkonzo. Bukeza umsebenzi owenziwe yibandla kulo nyaka odlule wenkonzo, ugxile ezintweni ezinhle ezifeziwe, bese ulincoma ngokufanele. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abajabulela okuhlangenwe nakho okwakhayo. Yisho isici esisodwa noma ezimbili zenkonzo ibandla elingazithuthukisa kulo nyaka omusha wenkonzo, bese unikeza ukusikisela okusebenzayo kokuthi kungathuthukiswa kanjani.
10 imiz: “Iziqondiso Kulabo Abasingatha Izinkulumo EMhlanganweni Wenkonzo.” Inkulumo ngomdala.
10 imiz: Siza Umntanakho Abe Ummemezeli. Ingxoxo esekelwe ekhasini 81-82 le ncwadi Ukuhlelelwa. Xoxa nomzali oyisibonelo onengane engummemezeli ongabhapathiziwe. Wayisiza kanjani ingane ukuba ithuthuke futhi ifanelekele ukuba ummemezeli?
INgoma 41 (157)