IBhayibheli—Amandla Alo Ekuphileni Kwakho
IBhayibheli lisize izigidi zabantu ukuba zithuthukise ukuphila kwazo. Yiziphi ezinye zezimiso zeBhayibheli, okungathi uma sizisebenzisa, zisisize ukuba sibhekane nezinkinga zanamuhla? Akungabazeki ukuthi uyokujabulela ukuthola impendulo yalo mbuzo ngokubukela i-video ethi The Bible—Its Power in Your Life, engeyesibili etholakala kuyi-DVD ethi The Bible—A Book of Fact and Prophecy. Ngemva kokubukela le video, ungakwazi yini ukuphendula le mibuzo?
(1) Kungani iBhayibheli lingeyona nje incwadi enhle? (Heb. 4:12) (2) Uma iBhayibheli lingasiza abantu bathuthukise ukuphila kwabo, kungani isintu sinezinkinga eziningi kangaka? (3) Siyini isihloko esikhulu seBhayibheli? (4) Imiphi imibhalo yeBhayibheli ekhulunyelwe kule video engasiza abashadile ukuba (a) bathuthukise indlela abakhulumisana ngayo futhi (b) balawule imizwa yabo? (5) Umbono wamaKristu ngomshado ukuthuthukisa kanjani ukuphila komkhaya? (Efe. 5:28, 29) (6) UJehova ubabekele kanjani abazali isibonelo esiphelele? (Marku 1:9-11) (7) Abazali bangasenza kanjani isifundo somkhaya sithakazelise? (8) Ngaphandle kwesifundo seBhayibheli, yini enye iZwi likaNkulunkulu elikhuthaza abazali ukuba bayenzele izingane zabo? (9) Iseluleko seBhayibheli singayisiza kanjani imikhaya ukuba ibhekane nobunzima bezezimali? (10) Iziphi izimiso ezingokomBhalo eziphathelene nenhlanzeko, ukudla izidakamizwa, ukudakwa nokucindezeleka ezingasiza ekunciphiseni izinkinga zempilo, uma zisetshenziswa? (11) Yiziphi izithembiso zeBhayibheli ezingasiqinisa? (Jobe 33:25; IHu. 145:16) (12) Izimfundiso eziseZwini likaNkulunkulu zikuthuthukise kanjani ukuphila kwakho? (13) Ungayisebenzisa kanjani le video ekusizeni abanye?