Iziqondiso Kulabo Abasingatha Izinkulumo EMhlanganweni Wenkonzo
Kusukela kule Nkonzo Yethu YoMbuso, iziqondiso zesimiso soMhlangano Wenkonzo zizokwenziwa zibe lula. Iziqondiso nezikhumbuzo ezilandelayo zizocacisa okwashiwo esihlokweni esithi “Indlela Yokulungiselela UMhlangano Wenkonzo,” esanyatheliswa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2009.
◼ Inkulumo: Ngalokhu kushiwo inkulumo esekelwe emthonjeni othile wendaba kodwa izilaleli ezingahlanganyeli kuyo. Isikhulumi sizogxila kulokho okuyoba usizo kakhulu ebandleni.
◼ Imibuzo Nezimpendulo: NjengaseSifundweni Se-Nqabayokulinda, le ngxenye inesethulo nesiphetho esifushane, bese kubuzwa imibuzo kuzo zonke izigaba. Umqhubi kufanele agweme ukukhuluma kakhulu. ImiBhalo ingase ifundwe uma isikhathi sivuma. Akufanele kufundwe izigaba uma iziqondiso zingashongo kanjalo.
◼ Ingxoxo: Le nkulumo inokuhlanganyela okuthile kwezilaleli. Akuyona nje inkulumo, kodwa futhi akuyona imibuzo nezimpendulo ngokuphelele.
◼ Imiboniso Nezingxoxo: Iziqondiso ezithi makube nomboniso zisho ukuthi umzalwane owabelwe le ngxenye unesibopho sokuhlanganisa nomboniso; akuyena uqobo okufanele enze lowo mboniso. Abantu abakhethayo ukuba bamsize kufanele babe nekhono futhi babe isibonelo, futhi kufanele enze amalungiselelo nabo kusenesikhathi uma kungenzeka. Kungcono kakhulu ukungabasebenzisi abamemezeli abasha nabangenalwazi kahle ekwenzeni umboniso ngendlela umsebenzi okufanele wenziwe ngayo ngoba nje sifuna ukubanika ithuba lokuba sesiteji, nakuba abanye babo bengase basetshenziswe njengabaninikhaya. Abamemezeli abenza umboniso kufanele baqiniseke ukuthi babheka ezilalelini. Labo abasetshenziswa engxoxweni kufanele bakhulume besesiteji, hhayi ezihlalweni zezilaleli. Imiboniso nezingxoxo kufanele kuprakthizwe. Uma isikhathi sesihambile futhi umzalwane sekufanele afushanise inkulumo yakhe, kufanele akugweme ukukhansela imiboniso noma izingxoxo. Izinceku ezikhonzayo kufanele zixoxe nomxhumanisi wendikimba yabadala noma omunye umdala ngaphambi kokukhetha abantu abazoba nengxenye.
Uma inkulumo ethile ineziqondiso ezikhethekile, kufanele zilandelwe ngokucophelela. Ngokunikeza izinkulumo zoMhlangano Wenkonzo ngendlela okuchazwe ngayo ngenhla, abazalwane bayokwenza ukuba iMihlangano Yenkonzo ‘iqhutshwe ngokufaneleyo nangohlelo.’—1 Kor. 14:40.