Zisebenzise Kahle Izincwadi Zethu
1. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu sokwazisa amalungiselelo kaJehova?
1 Ngemva kokuba uJesu esuthise isixuku esikhulu ngokuyisimangaliso, wahlela ukuba kuqoqwe ukudla okwakusele. (Math. 14:19-21) Ukwazisa okunjalo ngamalungiselelo kaJehova kusibekela isibonelo esihle sokuba ‘sizibonise singababongayo’ ngokukusebenzisa kahle konke uJehova akulungiselela ‘ngomphathi othembekile.’—Kol. 3:15; Luka 12:42; Math. 24:45-47.
2. Singakugwema kanjani ukunqwabelana komagazini?
2 Omagazini: Omagazini banganqwabelana kalula. Uma siba nomagazini abasalayo njalo, kufanele sinciphise i-oda lethu. Kuthiwani ngomagazini abadala? Ukubaluleka kwabo akunciphi ngenxa nje yokuhamba kwesikhathi. Uma sinomagazini abadala abanqwabelene, mhlawumbe umbonisi wenkonzo noma omunye umdala angasisiza sithole izindlela eziphumelelayo zokubahambisa.
3, 4. Imaphi amaphuzu okufanele siwakhumbule lapho sithatha izincwadi eHholo LoMbuso?
3 Ezinye Izincwadi: Uma isipho esihanjiswa ensimini sishintsha, qale ubheke ukuthi awunawo yini amakhophi aleyo ncwadi ezohanjiswa ensimini ngaphambi kokuthola amanye eHholo LoMbuso. Qiniseka ukuthi uthatha amakhophi ozowadinga ngalelo sonto kuphela, bese ubuyela etafuleni lezincwadi uma usuwahambise wonke.
4 Uma kuziwa ezincwadini zomuntu siqu, oda lezo ozidingayo kuphela. Bhala igama lakho esikhaleni esisencwadini. Lokho kuyokusiza ukuba ungalahlekelwa ikhophi yakho. Uma usebenzisa i-Watchtower Library ekuyi-CD-ROM futhi uwagcinile amakhophi akho omagazini, kungase kungabi nesidingo soku-oda imiqulu ye-Nqabayokulinda ne-Phaphama!
5. Yini okufanele siyikhumbule lapho sihambisa izincwadi zethu?
5 Ukuhambisa Izincwadi: Silwela ukuhambisa izincwadi zethu kulabo ababonisa isithakazelo esiqotho kuphela. Khumbula ukuthi yithina ngokuyinhloko esinomthwalo wemfanelo wokusingatha izindleko zala mathuluzi abalulekile esiwasebenzisa enkonzweni yethu. Uma uhambisela abathakazelayo incwadi, unganqikazi ukubatshela ngelungelo labo lokusekela umsebenzi womhlaba wonke ngomnikelo.
6. Kungani sizazisa kangaka izincwadi zethu, futhi lokhu kuyosishukumisela ukuba senzeni ngazo?
6 UJesu walungiselela abanye ukudla okungokoqobo ngokuyisimangaliso, kodwa wayevame ukondla abantu ngokomoya. Wathi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.” (Math. 4:4) Izincwadi zethu zifundisa amaqiniso eBhayibheli abalulekile ukuze abantu bazuze ukuphila okuphakade. (Joh. 17:3) Ziyigugu kakhulu ukuba singazisaphaza!