ISimiso Sesonto Lika-May 25
ISONTO ELIQALA NGO-MAY 25
INgoma 74
□ ISifundo Sencwadi Sebandla:
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Eksodusi 34-37
No. 1: Eksodusi 37:1-24
No. 2: Kulungile Yini Ukulwa? (lr-ZU isahl. 19)
No. 3: Kuyini Ukuyekelela, Futhi Kungani Kufanele Sikugweme?
□ UMhlangano Wenkonzo:
INgoma 193
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ka-June 1 Ne-Phaphama! Ka-June. Ngemva kokubukeza omagazini kafushane, buza izilaleli ukuthi iziphi izihloko ezilungiselela ukuzikhulumela futhi ngani. Imiphi imibuzo nemiBhalo engasetshenziswa ekwethuleni lezi zihloko? Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani ensimini yebandla.
10 imiz: Ukufakaza NgoJesu. Inkulumo esekelwe ezigabeni ezintathu ezikhuluma ngale ndaba ekhasini 275 nasesigabeni sokuqala ekhasini 276 lencwadi ethi ISikole Senkonzo.
10 imiz: “Zisebenzise Kahle Izincwadi Zethu.” Ingxoxo yemibuzo nezimpendulo. Tshela ibandla ngomehluko phakathi kwezincwadi ezi-odwayo nenani lalezo esizibikayo esizihambise ensimini.
INgoma 123