Zisebenziseni Ningazigcini Nje
Amabandla amaningi anezincwadi ezindala ezinqwabelene. Kungani ungazitholeli ezinye ukuze uzenzele umtapo wakho? Kungenzeka ukuthi usunakho kakade ukwaziswa okukwezinye zalezi zincwadi ezindala kuyi-Watchtower Library. Noma kunjalo, kuyazuzisa nokuba nencwadi ngokwayo. Ingabe ufunda nomfundi weBhayibheli othuthukayo? Khona-ke, mkhuthaze ukuba azitholele lezi zincwadi ezindala futhi azenzele umtapo wakhe. Umbonisi weSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kufanele aqikelele ukuthi umtapo waseHholo LoMbuso unanoma yiziphi izincwadi ezindala ibandla elinazo esitokweni. Lezi zincwadi zisabalulekile. Kungcono ukuba sizisebenzise kunokuziyeka nje endaweni yezincwadi ebandleni!