Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/09 kk. 5-7
  • Ingabe Ulilungele Idili Elingokomoya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ulilungele Idili Elingokomoya?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikhathi Sokudla Ngokomoya Nesokujabula
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • IMihlangano Yesigodi—Isikhathi Sokukhulekela Ngenjabulo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Izinsuku Ezintathu Zokuqabuleka Okungokomoya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Landela UKristu Ngokubonisa Inhlonipho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
km 8/09 kk. 5-7

Ingabe Ulilungele Idili Elingokomoya?

1. Imaphi amalungiselelo enziwayo lapho kuzoba nedili?

1 Ukuze kube nedili kufanele kuhlelwe izinto eziningi. Kufanele kutholakale ukudla, kuphekwe kahle bese kuphakwa. Kufanele kuphakwe ngokuhleleka. Ngaphezu kwalokho, indawo okuzodlelwa kuyo kufanele ilungiswe. Izimenywa kufanele nazo zilungiselele, ikakhulukazi uma zizohamba ibanga elide ukuze zifike edilini. Nakuba kunomsebenzi omningi ohilelekile, ukujabulela ukudla okumnandi okunomsoco nabangane nomndeni kuyazuzisa ngempela. Ngokushesha nje oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazohlangana ndawonye ngamaqembu amakhulu namancane ukuze bajabulele idili elingokomoya abalilangazelelayo—uMhlangano Wesigodi onesihloko esithi “Hlalani Nilindile!” Mningi umsebenzi osuwenziwe wokulungiselela isimiso nezinye izinto. Sonke simenyiwe. Ukuze sibe khona futhi sizuze ngokwengeziwe, nathi kufanele sizilungiselele.—IzAga 21:5.

2. Yini edingekayo ukuze sibe khona esidlweni ngasinye sedili elingokomoya?

2 Zuza Ngokwengeziwe: Ingabe usuziphothulile izinhlelo zakho ukuze ube khona esidlweni ngasinye saleli dili elingokomoya? Uma kudingeka, khuluma nomqashi wakho ukuze umazise ukuthi uzokuya kuzo zonke izingxenye zesimiso somhlangano, kuhlanganise nesosuku lokuqala. Ingabe usuwaphothulile amalungiselelo okuhamba nawalapho uzolala khona? Abadala kufanele baqiniseke ukuthi asebekhulile nabagulayo bayasizwa kuhlanganise nabanye abangase bakudinge.—Jer. 23:4; Gal. 6:10.

3. Kungani kungafanele siye emhlanganweni wezizwe esingamenywanga kuwo?

3 Ezinye izindawo zizoba nemihlangano yezizwe. Khumbula ukuthi kumenywe amabandla athile ngokukhethekile nezihambeli ezivela kwamanye amazwe kule mihlangano. Ekwenzeni la malungiselelo, ihhovisi legatsha libale ngokucophelela inani labantu okufanele bamenywe, licabangela inani lezihlalo namagumbi atholakalayo emahhotela. Kungase kube nabantu abaningi ngokweqile uma abamemezeli beya emhlanganweni wezizwe abangamenywanga kuwo.

4. Yiziphi izikhumbuzo eziyosisiza ukuba silungele ukuqala kwesimiso sosuku ngalunye?

4 Hlela ukufika kusenesikhathi usuku ngalunye ukuze uthole indawo yokuhlala ngaphambi kokuba kuqale isimiso. Sebenzisa imizuzu embalwa ngaphambi kokuqala kwesimiso, ubheke isimiso somhlangano. Lokhu kuyokusiza ukuba ulungiselele inhliziyo yakho ukwaziswa okuyokwethulwa. (Ezra 7:10) Lapho usihlalo wesimiso ethula umculo oyisandulela, zinike isikhathi sokuwulalela futhi ulungele ukuhlanganyela engomeni nasemthandazweni wokuvula.

5. Imikhaya yethu ingazuza kanjani ngokugcwele esimisweni?

5 Uma amalungu omkhaya ehlala ndawonye phakathi nomhlangano, abazali bayokwazi ukuqiniseka ukuthi izingane zabo ziyasilalelisisa isimiso. (Dut. 31:12) Sikhuthazwa sonke ukuba sivule amaBhayibheli lapho kufundwa imiBhalo. Ukubhala amaphuzu kafushane kungasisiza ukuba silalelisise. Kamuva, lokho okubhalile kungakusiza ukuba ukhumbule amaphuzu ayinhloko ezinkulumo. Gwema umkhuba wokukhuluma noma ukuhamba ngokungenasidingo phakathi nesimiso. Uma unomakhalekhukhwini, ungawuvumeli ukuba uphazamise wena nabanye phakathi nesimiso. Ngemva kwesimiso ngasinye, kungani ungaxoxi nabanye ngalokho okukukhuthazile esimisweni?

6. Yisiphi isici esivelele semihlangano yethu yesigodi, futhi singasijabulela kanjani ngokugcwele?

6 Emhlanganweni wesigodi, sinethuba lokujabulela ubuhlobo obukhethekile nabazalwane nodade obungekho nhlobo ezweni. (IHu. 133:1-3; Marku 10:29, 30) Kungani ungakwenzi umgomo ukuzethula kulabo abahleli eduze kwakho futhi uhlele ukuxoxa nabo phakathi nekhefu? Lokhu kungenye yezinzuzo zokuphatha ukudla okulula nokuba senkundleni yomhlangano kunokuphuma uyodla ngaphandle. Qikelela ukuba ungalahlekelwa yileli thuba lokukhuthazana.—Roma 1:11, 12.

7. Yimaphi amalungiselelo okufanele siwenze ngokuphathelene nezingubo esiyozigqoka?

7 Ukugqoka: Kuyaphawuleka ukuthi uJehova wayala ama-Israyeli ukuba enze izinsephe emiphethweni yezingubo zawo, nentambo eluhlaza okwesibhakabhaka phezu komphetho wengubo. (Num. 15:37-41) Lokhu kwakuyisikhumbuzo esibonakalayo sokuthi ayengabantu abahlukaniselwe ukukhulekela uJehova. Namuhla, indlela yethu yokugqoka enesithunzi emihlanganweni yesigodi isenza sihluke ezweni. Iwubufakazi obunamandla kwababukele ngisho nalapho kwenzeka siya ezindaweni zokudla ngemva komhlangano. Ngakho-ke, cabangisisa kusengaphambili ngohlobo lwezingubo oyolugqoka.

8. Singashumayela kanjani kwabanye lapho sisedolobheni lomhlangano?

8 Nikeza Ubufakazi: Ngokuhlela kahle, singakwazi ukufakaza kubantu lapho sisedolobheni lomhlangano. Omunye umzalwane owaya endaweni yokudla nomkakhe ngemva kwesimiso wavele wakhomba ibheji lakhe wabe esebuza uweta: “Uke wabona ukuthi kunabantu abaningi abafake la mabheji?” Uweta wathi useke wababona futhi wazibuza ukuthi bangobani. Lokho kwaholela engxoxweni, futhi lo mzalwane wamemela lo weta emhlanganweni.

9. Singakubonisa kanjani ukwazisa kosimemile, uJehova?

9 Nakuba abazalwane bethu beyonikeza zonke izinkulumo, izingxoxo, nemiboniso, nguBaba wethu osezulwini, uJehova onguMlungiseleli onothando waleli dili elingokomoya laminyaka yonke. (Isaya 65:13, 14) Sibonisa ukwazisa kulowo osimemile ngokuba khona usuku ngalunye nangokudla ukudla okungokomoya esikuphakelwayo. Ingabe usuwaphothulile amalungiselelo akho okwenza kanjalo?

[Ibhokisi ekhasini 6]

Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi

◼ Izikhathi Zesimiso: Izikhathi zesimiso somhlangano wesigodi zimi ngale ndlela: NgoLwesihlanu 9:00 ekuseni kuya ku-4:15 ntambama, ngoMgqibelo 9:00 ekuseni kuya ku-4:30 ntambama, ngeSonto 9:00 ekuseni kuya ku-3:30 ntambama. Izikhathi zesimiso somhlangano wezizwe zimi ngale ndlela: NgoLwesine 1:20 ntambama kuya ku-4:30, ngoLwesihlanu 9:00 ekuseni kuya ku-4:40 ntambama, ngoMgqibelo 9:00 ekuseni kuya ku-4:15 ntambama, ngeSonto 9:00 ekuseni kuya ku-3:50 ntambama. Lapho kuqala umculo owandulela isimiso, kufanele sonke sihlale phansi ukuze isimiso siqale ngendlela ehloniphekile.

◼ Indawo Yokupaka: Kuzo zonke izindawo zomhlangano esinegunya lokupaka kuzo, indawo yokupaka iyotholakala mahhala kwabafike kuqala. Njengoba izindawo zokupaka ngokuvamile zilinganiselwe, kufanele kugcwaliswe izimoto uma kungenzeka.

◼ Indawo Yokulala: Amafomu e-Sicelo Sendawo Yokulala ayatholakala uma kunabamemezeli abadinga ukufaka isicelo sendawo yokulala. IKomiti Yenkonzo Yebandla kufanele icabangele izimfanelo zommemezeli, isebenzisa iziqondiso ezisefomini kanye nencwadi yomhla ka-July 15, 2009 eyabhalelwa zonke izindikimba zabadala. Leli lungiselelo elabamemezeli abanokuma okuhle kuphela, kanye nezingane zabo eziziphethe kahle.

◼ Ukugcina Izihlalo: Izihlalo zingagcinelwa labo ohamba nabo emotweni noma ohlala nabo ekhaya kuphela.

◼ Ukudla Kwasemini: Sicela niziphathele ukudla kwasemini kunokuba niphume ngesikhathi sekhefu niyokuthenga ngaphandle kwendawo yomhlangano. Ningawaphatha ama-cooler bag amancane angangena ngaphansi kwezihlalo. Ama-cooler bag amakhulu anjengawamapikiniki kufanele agcinwe ngokuvumelana neziqondiso zabalindi. Izitsha ezifayo notshwala akuvunyelwe enkundleni yomhlangano.

◼ Iminikelo: Singabonisa ukwazisa ngamalungiselelo omhlangano ngokunikela ngokuzithandela emsebenzini womhlaba wonke eHholo LoMbuso lethu noma emhlanganweni. Uma ufuna ukunikela ngesheke, siza ubuze igama le-akhawunti eKomitini YoMhlangano.

◼ Izingozi Nezimo Eziphuthumayo: Uphiko lwezimo eziphuthumayo luthola izingcingo eziningi ezishaywa ngomakhalekhukhwini ezibika izinto ezingasho lutho. Uma kuphakama isimo sempilo esiphuthumayo endaweni yomhlangano, sizani nithinte umlindi oseduze, oyokwazisa uMnyango Wosizo Lokuqala ngokushesha ukuze izisebenzi eziqeqeshiwe zosizo lokuqala zikwazi ukuhlola isimo bese zinikeza usizo.

◼ Izicathulo: Unyaka ngamunye abantu abaningi bayalimala ngenxa yezicathulo. Kuhle ukukhetha izicathulo ezifanelekayo nezikulingana kahle oyokwazi ukuhamba ngazo ngokuphephile ezitebhisini, ezinsimbini ezinezikhala njalonjalo.

◼ Ukuqopha: Imishini yokuqopha yanoma iluphi uhlobo akufanele ixhunywe kugesi wenkundla yomhlangano noma esimisweni se-sound futhi le mishini kumelwe isetshenziswe kuphela ngendlela engeke ibathikameze abanye.

◼ Izinqola Zabantwana Nezihlalo Zokungcebeleka: Izinqola zabantwana nezihlalo zokungcebeleka akufanele kuziwe nazo ehholo lomhlangano. Nokho, izihlalo zabantwana zokuphepha ezingase ziboshelwe esihlalweni eceleni komzali zamukelekile.

◼ Amakha: Eminye imihlangano yesigodi iqhutshelwa ezindaweni ezivalekile ezinemishini yeziphephetha-moya. Ngakho-ke, siyobe sibonisa umusa uma silinganisela ekusebenziseni amakha anamandla angase abaphathe kabi labo abanezinkinga zokuphefumula noma ezihlobene nakho.—1 Kor. 10:24.

◼ Amafomu Okulandelela: Ifomu elithi Siza Ulandelele (S-43) kufanele lisetshenziselwe ukubhala ukwaziswa nganoma ubani obonisa isithakazelo lapho sishumayela ngokwethukela phakathi nomhlangano. Abamemezeli kufanele baphathe ifomu elilodwa noma amabili emhlanganweni. Amafomu agcwalisiwe ningawayisa eNdaweni Yezincwadi noma niwanikeze unobhala webandla lenu lapho senibuyele emakhaya.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-February 2005, k. 6.

◼ Izitolo Zokudlela: Dumisa igama likaJehova ngokuziphatha okuhle ezitolo zokudlela. Ezindaweni eziningi kuyinkambiso ukukhipha ithiphu engamaphesenti ayishumi kuya kwangu-15, kuye ngenkonzo eniyenzelwe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela