ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-October 13
INgoma 174
10 imiz: Izaziso zebandla. Chaza amalungiselelo ebandla omkhankaso okhethekile wepheshana ozoqala ngo-October 20, futhi ubakhuthaze bonke ukuba bathole amapheshana uma bengakawatholi. Bukeza kafushane izintshumayelo eziyisibonelo zokuhambisa INqabayokulinda ka-October 1 ne-Phaphama! ka-October ezitholakala ekhasini 8. Njengoba sekungamasonto ambalwa abamemezeli abaningi behambisa lab’ omagazini, cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho ezikujabulele.
35 imiz: “Isimiso Esisha Semihlangano Yebandla.”a Uma isikhathi sivuma, funda imiBhalo ekhonjiwe bese ucela izilaleli ukuba ziyikhulumele.
INgoma 216
Isonto Eliqala Ngo-October 20
INgoma 113
5 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
20 imiz: ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2009. Umbonisi wesikole uxoxa nezilaleli ngesimiso esisha seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini njengoba kuchazwe ngaphansi kwesithi “Iziyalezo” esenezelweni seSimiso SeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Gxila oshintshweni olwenziwe. Bakhuthaze bonke ukuba bafeze izabelo ngenkuthalo, balungiselele ukuphendula emaphuzwini avelele eBhayibheli, futhi basebenzise okushiwo umbonisi wesikole okusekelwe kwethi Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.
20 imiz: Lungiselela Ukuhambisa INqabayokulinda Ka-November 1 Ne-Phaphama! Ka-November. Ngemva kokubukeza lab’ omagazini kafushane, buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezicabanga ukuthi zingabakhanga ngokukhethekile abantu abaningi ensimini yebandla. Mazilandise ukuthi kungani zicabanga kanjalo. Cela izilaleli ukuba zisikisele umbuzo ofanelekayo ezihlela ukuwusebenzisa ekuqaleni ingxoxo kanye nomBhalo osesihlokweni ongasetshenziswa ngaphambi kokuhambisa lab’ omagazini. Isikhulumi siphetha ngemiboniso yendlela umagazini ngamunye ongase uhanjiswe ngayo, kusetshenziswa izintshumayelo eziyisibonelo ezisekhasini 8 noma enye intshumayelo ehloselwe ukukhanga abantu ensimini yebandla.
INgoma 148
Isonto Eliqala Ngo-October 27
INgoma 30
5 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-October.
15 imiz: Izidingo zebandla.
25 imiz: “Isikhathi Sokudla Ngokomoya Nesokujabula,” isihloko esisesenezelweni se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 2008. Kufanele isingathwe unobhala webandla. Yisho umhlangano wesigodi ibandla elabelwe kuwo. Bukeza ibhokisi elithi “Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi.”
INgoma 142
Isonto Eliqala Ngo-November 3
INgoma 100
5 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: Thuthukisa ‘Ikhono Lokufundisa.’ Umbonisi wenkonzo noma omunye umdala ofanelekayo uveza futhi achaze kafushane izihluthulelo ezinhlanu zokufundisa ngendlela ephumelelayo ezichazwe ezigabeni 5-18 emakhasini 9-12 kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2008. Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abanomuzwa wokuthi le ndaba ibasizile ekuthuthukiseni ikhono labo lokufundisa.
25 imiz: “Isifundo SeBhayibheli Somuntu Siqu Nesomkhaya Zibalulekile.”b Uma isikhathi sivuma, funda imiBhalo ekhonjiwe futhi ucele izilaleli ukuba ziyikhulumele.
INgoma 91
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.