IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ Nizojabula ukwazi ukuthi kunikezelwe amaHholo OMbuso ayisithupha ezinyangeni zamuva nje. Okuphawulekayo ukuthi amabandla amane azosebenzisa amaHholo OMbuso amabili kulawa, okuyonciphisa izindleko eSikhwameni SamaHholo OMbuso. La maHholo OMbuso elasePhoenix West nelase-Illovo East (KwaZulu-Natal), e-Aliwal North (eMpumalanga Kapa), e-Atlasville (eGauteng), eGhanzi (eBotswana), nelase-Okahandja (eNamibia). Akungabazeki ukuthi la maHholo OMbuso azowakhonza kahle la mabandla ekukhulekeleni nasenkonzweni kaJehova.