ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-June 9
INgoma 121
10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yenu, makube nemiboniso yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 1 ne-Phaphama! ka-June.
20 imiz: Indlela Yokulungiselela Ukuqhuba Isifundo SeBhayibheli. Inkulumo esekelwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-August 2004, ikhasi 1. Ekuphetheni le nkulumo, makube nomboniso wommemezeli obhuduzelayo ezama ukulungela ukuyoqhuba isifundo seBhayibheli. Makube nomunye ummemezeli olungiselela ngokucabangela okunye kokusikisela okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
15 imiz: “Shumayela Ngaphandle Kokuyekethisa.”a Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 201
Isonto Eliqala Ngo-June 16
INgoma 90
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Khumbuza izilaleli ukuba zize ne-Nqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July eMhlanganweni Wenkonzo wesonto elizayo futhi zilungele ukuxoxa ngezintshumayelo ezifanelekayo ezihlela ukuzisebenzisa.
15 imiz: Qokomisa Usizo Lwezindaba Ezinhle. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, ikhasi 159. Cela izilaleli ukuba zichaze izinto ezikhathaza abantu njengamanje ensimini yebandla. Zicele zisikisele ukuthi singazisingatha kanjani lezi zinto lapho sishumayela.
20 imiz: “Ingabe Umkhaya Wakho Ulungiselela Ukusinda?”b Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 54
Isonto Eliqala Ngo-June 23
INgoma 140
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali nezincwadi ezibonga iminikelo. Yisho incwadi ezohanjiswa ngo-July futhi wenze umboniso ngentshumayelo eyodwa.
20 imiz: Ukuphila Okucebile Ngenkonzo Yamaphayona Avamile. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2008, amakhasi 17-19. Ungase uxoxe namaphayona avamile amabili uma ekhona, elinye lisanda kuqala kanti elinye selineminyaka lisenkonzweni. Wacele alandise indlela ukuphila kwawo okuye kwaceba ngayo ngenxa yale nkonzo eyigugu.
15 imiz: Lungiselela Ukuhambisa Omagazini Bamuva. Ingxoxo nezilaleli. Ngemva kokubukeza kafushane INqabayokulinda ka-July 1 ne-Phaphama! ka-July, buza izilaleli ukuthi yiziphi izihloko ezingase zikhange abantu ensimini yebandla futhi ngani. Cela izilaleli zisho amaphuzu akhethekile kulezo zihloko ezihlela ukuwakhulumela. Kungase kubuzwe muphi umbuzo ekuqaleni ingxoxo? Kungabe sekufundwa muphi umBhalo? Kusetshenziswa izintshumayelo eziyisibonelo ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso noma intshumayelo esikiselwa yizilaleli, makube nemiboniso yokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
INgoma 82
Isonto Eliqala Ngo-June 30
INgoma 97
10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-June.
20 imiz: Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Ethu Okuxoxa. Inkulumo nengxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ISikole Senkonzo, kusukela ekhasini 62, isigaba 4, kuya ekupheleni kwekhasi 64. Vumelanisa indaba nensimu yebandla. Xoxa kafushane nommemezeli owaziwa ngekhono lokuhilela abantu engxoxweni lapho esenkonzweni yendlu ngendlu noma eshumayela ngokwethukela.
15 imiz: Ingabe Uyakhumbula? Ingxoxo nezilaleli esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 2008, ikhasi 29.
INgoma 179
Isonto Eliqala Ngo-July 7
INgoma 125
10 imiz: Izaziso zebandla.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Uma Umninikhaya Ekhuluma Ulimi Oluhlukile.”c Kumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. Lapho nixoxa ngesigaba 2, tshela ibandla ngamaqembu noma amabandla akhuluma olunye ulimi ashumayela ensimini efanayo nebandla. Chaza amalungiselelo akhethekile enziwe ukuze kusizwe amaqembu noma amabandla ezinye izilimi ukuba abambisane emsebenzini wokushumayela.
INgoma 188
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.