Ingabe Umkhaya Wakho Ulungiselela Ukusinda?
1 Iziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekile zinikeza ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi leli zwe elibi lisondela ekupheleni ngokushesha. Manje siphila ezikhathini ezibucayi ezifana nsé nezinsuku zangaphambi kweSikhukhula. (Math. 24:37-39) UNowa wasinda ekubhujisweni kwalelo zwe lasendulo ngenxa yokuthi “wahamba noNkulunkulu weqiniso.” (Gen. 6:9) Kumelwe ukuba uNowa wafundisa umkhaya wakhe ngezindlela zikaJehova ngoba nawo wasinda. Singamlingisa kanjani uNowa futhi silungele ukusinda njengomkhaya ekupheleni kwalesi simiso esibi sezinto samanje?
2 Umshumayeli Wokulunga: UNowa wabekezela iminyaka engaba ngu-40 kuya kwengu-50 ‘engumshumayeli wokulunga.’ (2 Pet. 2:5) Omakhelwane bakhe, kungakhathaliseki ukuthi babengaphansi kwethonya lezingelosi ezihlubukile ezaziphendula abantu noma cha, kumelwe ukuba bamklolodela lapho eshumayela. Ngokuvamile enkonzweni yethu sibhekana nokunganaki nokuhlekwa usulu, okubonisa ukuthi lesi simiso sezinto sisondela ekupheleni kwaso ngokushesha. (2 Pet. 3:3, 4) Kodwa ngokungafani nabantu bosuku lukaNowa, abaningi bayasabela emizamweni yethu futhi ‘bagobhozela’ ekukhulekelweni kukaJehova. (Isaya 2:2) Siyozisindisa ‘thina nabasilalelayo’ kuphela uma sibekezela. (1 Thim. 4:16) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba abazali bafundise izingane zabo ngokuphuthuma komsebenzi wokushumayela ngalokho abakushoyo nangesibonelo sabo!—2 Thim. 4:2.
3 Wenza “Kanjalo Nje”: Ukusinda kukaNowa nomkhaya wakhe kwakuxhomeke ekulandeleni kwabo iziqondiso zikaJehova ngokucophelela. (Gen. 6:22) Kubalulekile nangathi namuhla ukuba ‘sisheshe ukulalela’ isiqondiso esivela eBhayibhelini nasencekwini ethembekile. (Jak. 3:17) Izingane esezikhulile emkhayeni othile zikhumbula indlela uyise ayekusebenzisa ngayo ukusikisela kwenhlangano kaJehova. Ngokwesibonelo, wayeqhuba isifundo somkhaya masonto onke futhi aphume nomkhaya baye ensimini njalo ngezimpelasonto njengoba kutuswa. Wayelwela ukuhamba nenye yezingane zakhe enkonzweni isonto ngalinye. Ukuzimisela kwakhe ukwenza “kanjalo nje” kwazihlaba umxhwele kakhulu izingane zakhe eziyisithupha, futhi zonke zakhula zaba yizinceku zikaJehova eziqotho.
4 Ukuphela kwalesi simiso kuzofika kungazelelwe. (Luka 12:40) Ngokulingisa uNowa nangokubonisa ukholo ukuze sisinde, thina nemikhaya yethu siyobe sikulungele ngempela!—Heb. 11:7.