IZaziso
◼ Ngo-June: Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso. Ngo-July nango-August: Noma iyiphi kulezi zincwajana ezilandelayo ezinamakhasi angu-32: Hlalani Nilindile!, IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade, Imimoya Yabafileyo—Ingabe Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, Lapho Ufelwa Othandekayo, UHulumeni Oyoletha IPharadesi, Ungaba Umngane KaNkulunkulu! nethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
◼ Njengoba u-August enezimpelasonto ezinhlanu ezigcwele, angaba inyanga ekahle kakhulu yokuba amaphayona asizayo.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-June 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma ibandla line-akhawunti yasebhange ehlukile, njengeyokunakekela noma ukwakha ihholo, izimali zayo nazo kufanele zibalwe. Lapho lokhu sekwenziwe, kufanele kwenziwe isaziso ebandleni ngemva kokufundwa kombiko wezimali olandelayo. Amabandla aseNingizimu Afrika kuphela kufanele athumele amarekhodi ezimali asehloliwe ka-March, April no-May ngokushesha ehhovisi legatsha. Unobhala nenceku yezimali kumelwe baqiniseke ukuthi amarekhodi ezimali aphelele futhi ahlelekile nokuthi ukwaziswa okulandelayo kuyatholakala: IPhepha Lemali (S-26), UMbiko Wezimali Zebandla Wanyanga Zonke (S-30), amaRisidi (S-24), amarekhodi ezindleko nesitatimende sasebhange senyanga ngayinye (uma ibandla line-akhawunti yasebhange). Uma sebewaqoqile unobhala kufanele awabhale ngokucacile ukuthi Accounting Office—PBO Registration.
◼ Kutuswa ukuba zonke izicelo zamaphayona avamile zithunyelwe ehhovisi legatsha kusasele okungenani izinsuku ezingu-30 ngaphambi kosuku lokuqala inkonzo. Unobhala webandla kufanele ahlole amafomu ukuze aqiniseke ukuthi agcwaliswe kahle. Uma abafaka izicelo bengasalukhumbuli usuku olunembile ababhapathizwa ngalo, kufanele baluhlawumbisele bese lugcinwa. Unobhala kufanele abhale lolo suku ekhadini le-Rekhodi Lommemezeli Lebandla (S-21).
◼ Sicela niphawule ukuthi ngeke sibe naso isimemo esikhethekile esimemezela umhlangano wesigodi ka-2008. Kodwa sihlela umkhankaso omkhulu womhlaba wonke maduzane. Imininingwane eyengeziwe mayelana naleli lungiselelo izothunyelwa kamuva.
◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakalayo:
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli (cdmy)—ngesiShayina (Mandarin)
◼ Ama-compact Disc Amasha Atholakala Nge-MP3:
Amadrama EBhayibheli (mpdrm)—ngesiPutukezi
Lifundisani Ngempela IBhayibheli? (mpbh)—ngesiPutukezi
◼ Ama-DVD Amasha Atholakalayo:
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova—2006 (dvw06)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova—2007 (dvw07)—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
◼ Ama-DVD Amasha Anezilimi Eziningi Atholakalayo:
Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault (dvfi) —ngesi-Arabhu, isiDashi, isiMalagasy, isiNgisi, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu), iSpanishi (Kuyi-DVD eyodwa)