ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Isonto Eliqala Ngo-November 12
INgoma 59
10 imiz: Izaziso zebandla. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-November 15 ne-Phaphama! ka-November. Embonisweni ngamunye, mabahanjiswe bobabili lab’ omagazini nakuba kukhulunyelwe owodwa.
15 imiz: “Isiliva Ngelami, Negolide Ngelami.” Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2007, amakhasi 17-21.
20 imiz: “Hambani Njengabantu Abahlakaniphile.”a Kuye ngesikhathi esikhona, cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe.
INgoma 192
Isonto Eliqala Ngo-November 19
INgoma 109
10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Yisho incwadi ehanjiswa ngo-December, futhi kube nomboniso wokuhanjiswa kwayo.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Ungabi Madolonzima!”b Lapho nixoxa ngesigaba 5, cela labo abaye bafundela abantu baze bamukela iqiniso ukuba balandise. Ikuphi ukwaneliseka nenjabulo abayitholayo ngokuqhuba isifundo seBhayibheli esithuthukayo? Ungahlela kusengaphambii ukuba kube noyedwa noma ababili abazolandisa.
INgoma 96
Isonto Eliqala Ngo-November 26
INgoma 172
10 imiz: Izaziso zebandla. Funda umbiko wezimali namazwi okubonga avela eNhlanganweni. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-November. Bancome bonke abahlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe futhi wazise ibandla ngemiphumela. Kuye ngesikhathi esikhona, xoxa nabathile abahlanganyela kulo msebenzi. Kusetshenziswa ukusikisela okusekhasini 4 noma ezinye izintshumayelo ezifanelekayo ensimini yakini, makube nemiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-December 1 ne-Phaphama! ka-December.
15 imiz: Ingabe Unganuleka Othandweni? Inkulumo ebekwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 2007, amakhasi 9-11.
20 imiz: Basha—Ningamdumisa Kanjani UJehova? Ingxoxo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 2005, amakhasi 26-8, izigaba 15-19. Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Lapho nixoxa ngesigaba 18, cela abasha abakhona ukuba balandise indlela abaye bafakaza ngayo kwabafunda nabo esikoleni noma kothisha.
INgoma 5
Isonto Eliqala Ngo-December 3
INgoma 77
15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Bukeza iBhokisi Lemibuzo.
15 imiz: Isikole Esinabafundi Abazuzisa Abantu Emhlabeni Wonke. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 2006, amakhasi 10-13. Xoxa kafushane nanoma ibaphi abadala noma izinceku ezikhonzayo ebandleni ezaya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Lesi sikole sabasiza kanjani ukuba bathuthuke njengabashumayeli, abelusi nanjengabafundisi? Khuthaza abazalwane abafanelekayo ukuba bacabangele ukuzibekela umgomo wokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo.
15 imiz: “Sikhuluma Nabanye Ngethemba Lethu LoMbuso.”c Cela izilaleli ukuba zikhulumele imiBhalo ekhonjiwe, kuye ngesikhathi esikhona.
INgoma 173
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.