Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/07 k. 1
  • Sikhuluma Nabanye Ngethemba Lethu LoMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sikhuluma Nabanye Ngethemba Lethu LoMbuso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ligcine Liqinile Ithemba Lakho LobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Themba UJehova, Ube Nesibindi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ungalitholaphi Ithemba Langempela?
    I-Phaphama!—2004
  • Ithemba Elingaholeli Ekudumazekeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 11/07 k. 1

Sikhuluma Nabanye Ngethemba Lethu LoMbuso

1 Kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, abantu abaningi emhlabeni abanalo ithemba. (Efe. 2:12) Abanye ngobuwula bathembela engcebweni yabo, kubabusi abangabantu, kuyisayensi yanamuhla nakokunye. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi sinethemba langempela ngekusasa, ithemba ‘eliyihange lomphefumulo, eliqinisekile neliqinile’!—Heb. 6:19.

2 Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, umhlaba uyoguqulwa ube ipharadesi. Abantu esibathandayo abafileyo bayovuswa. (IzE. 24:15) Ubumpofu, ukuntuleka kobulungisa, ukugula, ukuguga nokufa ngeke kusaba khona. (IHu. 9:18; Math. 12:20, 21; IsAm. 21:3, 4) Lezi ngezinye zezithembiso zikaJehova ezizogcwaliseka maduze. Wena isiphi isithembiso obheke phambili kuso ngokukhethekile?

3 Memezela Izindaba Ezinhle: Akumelwe sigodlele abanye leli themba loMbuso. Uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane lusishukumisela ukuba silingise uJesu futhi ‘simemezele izindaba ezinhle kwabampofu, sishumayele ukukhululwa ezithunjweni nokuvulwa kwamehlo ezimpumputhe, ukuba simukise abachotshoziweyo bekhululiwe.’ (Luka 4:18) Umphostoli uPawulu wayeshumayela izindaba ezinhle emakethe nanoma kuphi lapho abantu babetholakala khona. Wazigcina ematasa kakhulu enkonzweni. (IzE. 18:5) Ukulingisa isibonelo sakhe sokuhlanganyela ngentshiseko enkonzweni kuyokwenza ukuba ithemba lethu lobuKristu lingafiphazwa “izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa.”—Marku 4:19.

4 Ithemba lethu loMbuso alifiphali lapho sihlangana nabantu abanganaki, abasithatha kalula isigijimi soMbuso, noma abasiphikisa ngokuqondile. ‘Sikubambe ngokuqinile ukulivuma kwasobala ithemba lethu ngaphandle kokuntengantenga.’ (Heb. 10:23) ‘Asinamahloni ngezindaba ezinhle.’ (Roma 1:16) Ukuqiniseka nokuphikelela kwethu kungase ekugcineni kwenze abanye balalele.

5 Nakuba kufaneleka ukuqaphelisa abantu ngezimo zezwe eziwohlokayo ezigcwalisa isiprofetho seBhayibheli, asibona abashumayeli bezindaba ezimbi. Kunalokho, inkonzo yethu igxile ethembeni lethu loMbuso—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Kwangathi lezi zindaba ezinhle singazishumayela ngokuqiniseka nangentshiseko ‘ukuze sibe nesiqinisekiso esigcwele sethemba kuze kube sekupheleni.’—Heb. 6:11.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela