IZindaba Ezingokwasezulwini
◼ AmaKomiti Okwakha Ezifunda angu-28 asensimini yethu nezisebenzi zawo zokuzithandela asiza kakhulu ekuhlangabezaneni nesidingo samaHholo OMbuso amasha. Muva nje, amanye amabandla amahlanu ajabulele ukunikezelwa kwamaHholo awo OMbuso: ElaseBhobhoyi (ePort Shepstone), elaseBhala (ngaseFlagstaff), elaseTshepisong (eningizimu yeKrugersdorp), elaseTshiame (eHarrismith) nelaseMbumbulu (eThekwini).
Sijabula kanye nala mabandla njengoba manje esehlanganyela endaweni efanele igama likaJehova futhi sifisa ukubabonga kakhulu bonke ababa nengxenye kule misebenzi yokwakha.