Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 15
“Ukushonelwa abantu esibathandayo kungabangela usizi olukhulu. Ucabanga ukuthi kunokuthile ngaphakathi kubo okuqhubeka kuphila ngemva kokufa? [Lindela impendulo.] UJesu wanikeza lesi sithembiso esiduduzayo. [Funda uJohane 5:28, 29.] Njengoba uJesu athi ‘kuza’ uvuko, lo magazini uchaza ngokweBhayibheli ukuthi abafileyo bakuphi njengamanje.”
Phaphama! July
“Abantu abaningi bazama ukuphila ngendlela engcono kakhulu futhi bacabanga ukuthi kubalulekile ukuba ngumuntu oziphethe kahle. Ingabe nawe ucabanga kanjalo? [Lindela impendulo.] Ake uzwe ukuthi ingaba kuphi ingozi uma indlela esichaza ngayo okuhle ingafani nekaNkulunkulu. [Funda izAga 14:12.] Lesi sihloko sichaza ukuthi kusho ukuthini ukuba umuntu omuhle emehlweni kaNkulunkulu.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 20.
INqabayokulinda Aug. 1
“Ngingathanda ukuthola umbono wakho ngokuthile okwashiwo uJesu. [Funda uMathewu 5:3.] Ucabanga ukuthi isimo esingokomoya sibalulekile ukuze umuntu ajabule? [Lindela impendulo.] Lo magazini ubonisa lokho okushiwo iBhayibheli ngengokomoya langempela nokuthi singalithola kanjani.”
Phaphama! Aug.
“Ucabanga ukuthi abazali bangasitholaphi iseluleko esingabasiza ngempela? [Lindela impendulo.] Ake uzwe isithembiso esiseBhayibhelini. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:16.] Lo magazini ubonisa indlela iBhayibheli elingabasiza ngayo abazali ukuba bakhulise izingane ezijabulayo.”