Ongakusho Ngomagazini
INqabayokulinda July 1
“Ingabe ucabanga ukuthi kungenzeka ngabantu nje ukuba babe nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu onguMninimandla onke? [Lindela impendulo bese ufunda izEnzo 17:27.] Lesi sihloko sikhuluma ngesizathu esisenza siqiniseke ngokuthi uNkulunkulu ufuna sisondele kuye.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.
Phaphama! July
“Ukuzijabulisa okuningi namuhla kubonisa isithakazelo esikhulayo ngokulumba. Ingabe ucabanga ukuthi ukuhileleka ekulumbeni akunangozi? [Lindela impendulo bese ufunda uDuteronomi 18:10-12.] Lesi sihloko sibonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngezingozi zokusebenzelana nemimoya.” Khulumela isihloko esiqala ekhasini 10.
INqabayokulinda Aug. 1
“Izinkinga ezinkulu ezihlobene nemvelo zenza abaningi baphelelwe ithemba ngekusasa lomhlaba. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo bese ufunda iHubo 37:11.] Lo magazini uqokomisa ezinye zezizathu ezingokomBhalo zokuba nethemba.”
Phaphama! Aug.
“Abaningi bayaqiniseka ukuthi ukufudumala kwembulunga yonke kusongela ukuphila emhlabeni. Ucabanga ukuthi le ndaba iyoxazululwa kanjani? [Lindela impendulo bese ufunda u-Isaya 11:9.] Lo magazini uchaza ukuthi kungani singangabazi ngokuthi umhlaba uyoqhubeka ukhona njengekhaya lesintu.”