Siyawazisa Amalungelo Ethu!
1 Phakathi nawo wonke umlando wesintu, uJehova uye wanika izinceku zakhe amalungelo amaningi ahlukahlukene. Uye wazinika amalungelo kungakhathaliseki ubulili bazo, ubudala, noma isikhundla ekuphileni. (Luka 1:41, 42; IzE. 7:46; Fil. 1:29) Yimaphi amalungelo asinika wona namuhla?
2 Amanye Amalungelo Esiwajabulelayo: Sinelungelo lokufundiswa nguJehova. (Math. 13:11, 15) Elinye ilungelo esilijabulelayo ukudumisa uJehova ngezimpendulo zethu emihlanganweni yebandla. (IHu. 35:18) Lapho kuvela ithuba lokuba siphendule, sikwenza ngomdlandla. Ngokufanayo, uma sibheka isabelo ngasinye ebandleni njengelungelo, siyosifeza ngawo wonke amandla ethu. Ingabe sihlanganyela njalo elungelweni lokugcina iHholo LoMbuso lihlanzekile futhi lisesimweni esihle?
3 Nakuba izigidi zizibuza ukuthi uNkulunkulu uyayizwa yini imithandazo yazo, thina sijabulela ilungelo lokuba imithandazo yethu izwiwe uMuntu obaluleke kunabo bonke endaweni yonke. (IzAga 15:29) UJehova uyilalela mathupha imithandazo yezinceku zakhe. (1 Pet. 3:12) Akasibekeli imingcele yokuthi singasondela kuye kangaki. Yeka isipho esiyigugu esinaso, ukuthandaza “ngezikhathi zonke”!—Efe. 6:18.
4 ‘Izisebenzi Ezikanye NoNkulunkulu’: Elinye lamalungelo amahle kakhulu esinawo ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ‘njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu.’ (1 Kor. 3:9) Lona umsebenzi oletha ukwaneliseka nokuqabuleka. (Joh. 4:34) Akudingeki ukuba uJehova asebenzise abantu ukuze benze lo msebenzi, kodwa usinike lesi sabelo ngenxa yokuthi uyasithanda. (Luka 19:39, 40) Ngokwenza kanjalo, uJehova akalinikanga noma ngabe ubani leli lungelo. Labo abahlanganyela enkonzweni yasobala kumelwe bafinyelele futhi balondoloze izimfanelo ezithile ezingokomoya. (Isaya 52:11) Ingabe siyabonisa ukuthi siyalazisa leli lungelo ngokwenza inkonzo ibe ingxenye ebalulekile yesimiso sethu samasonto onke?
5 Amalungelo esiwanikwa nguJehova acebisa ukuphila kwethu. (IzAga 10:22) Masingalokothi siwathathe kalula! Ngokubonisa ukuthi siwazisa ngempela amalungelo ethu enkonzo, sithokozisa uBaba wethu wasezulwini, uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.”—Jak. 1:17.