Lapho Abantu Bengekho Ekhaya
1. Iyiphi inselele evamile lapho sisenkonzweni yendlu ngendlu?
1 Ezindaweni eziningi kuya kuba nzima ngokwengeziwe ukuthola abantu emakhaya. Kulezi “zikhathi ezibucayi,” abaningi bayaphoqeleka ukuba basebenze amahora amaningi ukuze nje bakwazi ukuqhubeka bephila. (2 Thim. 3:1) Abanye kungenzeka ukuthi njengoba bengekho ekhaya bachitha imali noma bahileleke ekuzilibaziseni okuthile. Singabafinyelela kanjani laba bantu ngezindaba ezinhle?
2. Singaqiniseka kanjani ukuthi imizi okungekho bantu kuyo izosetshenzwa?
2 Yibhale Kahle Imininingwane: Isinyathelo sokuqala siwukubhala phansi labo abangekho ekhaya. Lokhu kubaluleke kakhulu uma niyisebenza ngokuphindaphindiwe insimu yenu. Ingabe uyalibhala igama lomgwaqo, inombolo yensimu, igama lakho nosuku? Ungase ushiye isikhala sokubhala amaphuzu engeziwe lapho wena noma omunye ummemezeli ebuya ezosebenza imizi obekungekho bantu kuyo. Uma uqeda ukushumayela, khumbula ukunika umuntu owabelwe leyo nsimu umbiko noma amaphuzu owabhalile ngaphandle kwalapho ekuvumela ukuba usebenze imizi obekungekho bantu kuyo. Sebenzisa iphepha elihlukile lokubhala noma ibaphi abantu abanesithakazelo ozobanakekela.
3. Ikuphi okunye ukusikisela kokufinyelela labo abangekho ekhaya?
3 Zama Isikhathi Esihlukile: Mhlawumbe abanye abebengekho ekhaya ngesikhathi somsebenzi bangase babekhona kusihlwa noma ngezimpelasonto. Ungasihlela yini isimiso sakho ukuze ubuyele ngesikhathi esifanelekayo? (1 Kor. 10:24) Uma kungenjalo, ungase ukwazi ukunikeza ummemezeli ongakwazi ukubuyela ngesinye isikhathi esihlukile umbiko onemizi obekungekho bantu kuyo. Ngaphandle kwalokho, ungase ubhale labo abebengekho ekhaya noma uzame ukubathinta ngocingo. Abamemezeli abangakwazi ukuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wendlu ngendlu ngenxa yezinkinga zempilo bangakujabulela ukukusiza ngalokhu.
4. Yini ebonisa ukubaluleka kokubuyela emizini obekungekho bantu kuyo?
4 Okunye okwenzeka kubonisa ukubaluleka kokuzama ukuthintana nalabo abebengekho ekhaya. Ngemva kweminyaka emithathu abamemezeli beya bephindelela komunye umuzi, umninikhaya wagcina esetholakele. Kwahlaluka ukuthi sonke lesi sikhathi ubelokhu elinde ukuba kufike uFakazi ukuze aqale ukumqhubela isifundo seBhayibheli ayesiqhutshelwa othile ngaphambi kokuba athuthele kule ndawo.
5. Kunini lapho kungathiwa insimu ihlanganiswe ngokuphelele?
5 Hlanganisa Insimu Ngokuphelele: Kunini lapho kungathiwa insimu ihlanganiswe ngokuphelele? Ngokuvamile, lokhu kwenzeka lapho kwenziwe yonke imizamo engenziwa yokuthintana nothile emzini ngamunye. Kungase kufaneleke ukushiya ipheshana noma umagazini omdala ngokuhlakanipha emizini okungekho bantu kuyo, ikakhulu ensimini engasetshenzwa ngokuphindaphindiwe. Insimu kufanele ihlanganiswe ngokuphelele phakathi nezinyanga ezine. Khona-ke kufanele ibuyiswe ukuze inceku yensimu ikwazi ukulungisa amarekhodi ayo.
6. Kungani kufanele sizame ukufinyelela wonke umuntu osensimini yethu?
6 Sifuna ukuba abantu abaningi ngangokunokwenzeka bathole ithuba lokufunda ukubiza igama likaJehova futhi basindiswe. (Roma 10:13, 14) Lokhu kuhlanganisa nalabo okungenzeka bebengekho ekhaya lapho sisebenza indlu ngendlu. Njengomphostoli uPawulu, kwenze umgomo wakho ‘ukunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.’—IzEnzo 20:24.