Ingabe Ibandla Lakini Linensimu Enkulu?
1 Kusuka emizini yaseJudiya kuya emaphandleni aseGalile, uJesu wafakaza ngokungashwampuluzi kuyo yonke leyo ndawo enkulu yakwa-Israyeli wasendulo. (Marku 1:38, 39; Luka 23:5) Nathi kumelwe sifinyelele abantu abaningi ngangokunokwenzeka nezindaba ezinhle. (Marku 13:10) Nokho, lokhu kungaba yinselele. Ngani?
2 Ingxenye enkulu yensimu yamabandla amaningi isemaphandleni, ehlanganisa amakhulu amaningi amakhilomitha. Amabandla akhuluma ulimi lwakwamanye amazwe kungenzeka asebenze ezindaweni zasedolobheni elinabantu abaningi, efuna abantu abakhuluma ulimi lwawo. Yini esingayenza ukuze sisize abantu abahlala ezindaweni ezinkulu kanjalo ukuba bafunde iqiniso ngoJehova, ngoJesu, nangoMbuso?
3 Hlelani Kahle: Umbonisi wenkonzo nenceku yensimu kufanele baqondise imizamo yebandla, ukuze kufezwe okungcono kakhulu. Mhlawumbe kungabekelwa eceleni iMigqibelo ekhethekile lapho iningi likwazi khona ukusebenza usuku lonke kulo msebenzi. Lapho kusetshenzwa amasimu akude, uma kunokwenzeka, hlelani ukuba nisebenze isikhathi eside enkonzweni yasensimini ngosuku, futhi niziphathele nokudla kwasemini. Ningase nisheshe niwuqhube umhlangano wenkonzo kunasemihleni nicabangela isikhathi sokuhamba niya kuleyo nsimu noma ningase niqhube umhlangano wenkonzo yasensimini budebuduze nendawo enizoyisebenza. Gcinani amaqembu ezimoto emancane ukuze bonke bakwazi ukuba nezindlu ezanele abazozihambela. Hlelani ukusebenza izindawo zasemaphandleni ngezinkathi zonyaka lapho isimo sezulu nesimo semigwaqo sisihle.
4 Labo abasebenza amasimu abakhuluma ulimi lwakwamanye amazwe bangonga isikhathi esibalulekile ngokuthi babe nohlu lwamagama namakheli kanye nebalazwe elisha laleyo ndawo. Hlelani amasimu ngendlela yokuthi iqembu ngalinye lenkonzo likwazi ukuya kuwo wonke amakheli asendaweni eyodwa.
5 Qinisekani ukuthi niphatha izincwadi ezanele. Uma insimu ingasetshenzwa njalo, kungase kufaneleke ukushiya ipheshana noma umagazini omdala emizini engenabantu. Uma ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Okwengeziwe NgeBhayibheli? likhona ngolimi lwakini, linikezeni wonke umuntu enihlangana naye futhi nilishiye nasemizini engenabantu.
6 Bambisanani Ngokugcwele: Ukusebenza insimu enkulu kudinga ukubambisana kwabo bonke ebandleni. Uma kudingeka kuhanjwe ibanga elide ngemoto, labo abahamba ndawonye bangahlanganyela izindleko zikaphethiloli. Kumelwe kusetshenziswe ukwahlulela okuhle lapho uthola abaninikhaya abathandayo ukuxoxa. Khumbulani njalo isidingo sokufinyelela bonke abakuleyo nsimu, futhi nicabangele labo abalindile eqenjini enihamba nalo. Uma usafisa ukuqhubeka nengxoxo nomuntu othakazelayo, angenziwa yini amalungiselelo okuba abanye eqenjini bangabambezeleki?
7 Yenzani amalungiselelo aqondile okulandelela sonke isithakazelo. Ngaphandle kokubhala ikheli, zama ukuthola inombolo yocingo yalo muntu othakazelayo ukuze ukwazi ukuthintana naye futhi unikeze ubufakazi obengeziwe ngocingo. Uma imigwaqo yasemaphandleni ingenamagama noma izindlu zakhona zingenazinombolo, yenza ibalazwe noma ubhale incazelo yendlela ozomthola ngayo lo muntu othakazelayo lapho wenza impindelo.
8 Yeka ukuthi kuyilungelo elingakanani kithi ukuba sifeze iziyalezo zikaJesu: “Kunoma yimuphi umuzi noma umuzana eningena kuwo, funani ukuthi ubani ofanelekayo kuwo”! (Math. 10:11) Ngokuqinisekile uJehova uyoyibusisa imizamo yakho njengoba uzikhandla ngokuzithandela kulo msebenzi ovuza kunayo yonke!