Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 4/07 k. 8
  • Ongakusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongakusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
km 4/07 k. 8

Ongakusho Ngomagazini

INqabayokulinda Apr. 15

“Kubonakala sengathi izenzo zonya ziya zanda kakhulu. [Nikeza isibonelo sendawo noma osifunde kumagazini.] Wake wazibuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuba abantu babe nonya kangaka? [Lindela impendulo.] IBhayibheli labikezela ukwanda konya. [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-5.] Lo magazini uphendula umbuzo othi, ‘Ingabe unya luyoke luphele?’”

Phaphama! Apr.

“Abantu abaningi bathi bangamaKristu. Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuba umKristu? [Lindela impendulo.] Qaphela lokho okwashiwo uJesu lapha. [Funda uJohane 15:14.] Lesi sihloko sibonisa ukuthi kudingeka okwengeziwe kunokusho nje ukuthi ungumKristu.” Mbonise isihloko esiqala ekhasini 26.

INqabayokulinda May 1

“Ukufa komntwana kubangela abazali ubuhlungu obujulile obuhlala njalo. Ucabanga ukuthi bangayithola kuphi induduzo? [Lindela impendulo, bese ufunda eyabaseRoma 15:5.] Lo magazini uchaza ezinye zezindlela uNkulunkulu abaduduza ngazo abalilayo.”

Phaphama! May

“Abanye abantu bajabulela ukuchuma, kuyilapho izigidi zabanye ziphila ngobumpofu. Ingabe ucabanga ukuthi siyoke siyibone inkathi lapho ukungalingani kuyobe kungasekho khona. [Lindela impendulo.] Qaphela indlela uNkulunkulu ababheka ngayo abampofu. [Funda amaHubo 22:24.] Lo magazini uchaza ithemba eliseBhayibheli ngabampofu.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela