Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-April 30, 2007. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-March 5 kuya ku-April 30, 2007. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. Singalugcina kanjani uhlaka lwenkulumo yethu lulula? [be-ZU k. 168 isig. 3]
2. Shono izindlela ezine esingethula ngazo indaba ngendlela enengqondo. [be-ZU k. 170 isig. 3–k. 172 isig. 4]
3. Yimaphi amaphuzu okufanele siwakhumbule lapho sinquma ukuthi yini esizoyifaka enkulumweni? [be-ZU k. 173 izig. 1-2]
4. Iziphi ezinye zezinzuzo zokukhuluma ngamazwi akho? [be-ZU k. 175 izig. 3-5]
5. Kungani kubalulekile ukukhuluma ngendlela esangxoxo, futhi singakwenza kanjani lokhu? [be-ZU k. 179 isig. 4, ibhokisi; k. 180, ibhokisi]
ISABELO NO. 1
6. Kufanele umzalwane alungiselele kanjani lapho enikezwe inkulumo yamaphuzu avelele okufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke? [be-ZU k. 47 izig. 3-4]
7. Yini ebaluleke kakhulu ngesihlengo sikaKristu kunezinzuzo esizithola ngaso? [w05-ZU 11/1 k. 14 isig. 1]
8. Kufanele isetshenziswe kanjani imiBhalo enkulumweni yeningi? [be-ZU k. 53 izig. 1-2]
9. Wawuyini umgomo kaJesu njengomfundisi, futhi singamlingisa kanjani? [be-ZU k. 57 isig. 1]
10. Kungani ukuqhathanisa kuphumelela lapho sifundisa? [be-ZU k. 57 izig. 3-4]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Singazama kanjani ukusebenzisa iseluleko esikuJeremiya 6:16 sokuhamba “ngemendo yakudala”?
12. Kungani uJehova akhetha ukusebenzisa unogolantethe njengesibonelo kumaJuda angathembekile, futhi yini esingayifunda kulokhu? (Jer. 8:7)
13. UJeremiya 15:17 uwuthinta kanjani umbono wethu ngokuzijabulisa namuhla?
14. Abantu bafana kanjani nobumba esandleni soMbumbi Omkhulu, uJehova? (Jer. 18:5-11)
15. Ibaluleke ngani namuhla indlela izizwe ezibalwe zalandelana ngayo kuJeremiya 25:17-26?