I-video Okufanele Siyicabangele Ngokujulile
“Le video ikwenza ucabangisise ngempela!”
“Yangena yahlala enhliziyweni yami!”
“Iye yangithinta kakhulu!”
1 Ingabe wazizwa ngale ndlela mhla uqala ukubukela i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Eminyakeni ethile edlule, umzalwane othile osemusha wayebhekene nesikhathi esinzima ekuphileni kwakhe, ngenxa nje yabangane ayebakhethile. Bamenza wangabe esaba nandaba neqiniso nobuhlobo bakhe noJehova. Kwabe sekukhululwa le video ethi Real Friends. Wabhala: “Njengoba ngangiyibuka ngokuphindaphindiwe, kwehla izinyembezi ebusweni bami. Ngambonga uJehova ngokunginika usizo ngesikhathi esifanele.” Le video yamshukumisela ukuba aguqule ukuphila kwakhe futhi athole uhlobo olufanele lwabangane. Wanezela: “Kusobala ukuthi niyazazi izinto ezihlupha intsha.” Bazali nezingane, kungani ningayibuki futhi le video esifundweni senu somkhaya esilandelayo? Yimiseni ngemva kwengxenye ngayinye nixoxe ngokukhululekile nangobuqotho ngemibuzo esezigabeni ezilandelayo.
2 Isethulo: Uyini umngane weqiniso?—IzAga 18:24.
3 Izithiyo Zokuthola Abangane (Roadblocks to Friendship): Ungawunqoba kanjani umuzwa wokuzizwa ukhishwa inyumbazana? (Fil. 2:4) Kungani kumelwe uzimisele ukuthuthukisa ubuntu bakho, futhi obani abangakusiza ukuba wenze kanjalo? Yini engakuvulela amathuba okuthola abangane abengeziwe, futhi bangatholakalaphi?—2 Kor. 6:13.
4 Ubungane NoNkulunkulu (Friendship With God): Ungabakha kanjani ubuhlobo obuseduze noJehova, futhi kungani kuzuzisa ukwenza umzamo? (IHu. 34:8) Ubani ongabuqinisa kangcono ubungane bakho noNkulunkulu?
5 Uhlobo Olungafanele Lwabangane (The Wrong Kind of Friends): Obani abangabangane ababi? (1 Kor. 15:33) Abangane ababi bangamholela kanjani umuntu ekulimaleni ngokomoya? Ukulandisa kweBhayibheli ngoDina kukufundisani?—Gen. 34:1, 2, 7, 19.
6 Idrama Yosuku Lwanamuhla (A Modern-Day Drama): Isizungu samthinta kanjani uTara? Wakuthethelela kanjani ukuzihlanganisa kwakhe nentsha yezwe? Yamchaya kuziphi izingozi? Kungani abazali bakhe bahluleka ukubona ingozi ayekuyo, kodwa baba nasiphi isimo sengqondo ukuze bamsize alulame ngokomoya? Udade othile oyiphayona waba kanjani umngane wangempela kuTara? Kungani amaKristu kumelwe alalele izAga 13:20 noJeremiya 17:9? UTara wafunda siphi isifundo esibalulekile?
7 Isiphetho: Ufundé ziphi izifundo kule video? Ungayisebenzisa kanjani ukuze usize abanye?—IHu. 71:17.