Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 48
  • Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Singabakhetha Kanjani Abangane Abahle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ungaba Umngane KaJehova
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukulondoloza Ubungane Ezweni Elingenalo Uthando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Abangane Abahle Abangane Ababi
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 48
ISifundo 48. Abangane abane bathatha i-selfie.

ISIFUNDO 48

Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Abangane esisondelene nabo bayayandisa injabulo yethu ngezikhathi ezimnandi, basiqinise ngezikhathi ezinzima. Kodwa iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi akuwona wonke umuntu ongumngane omuhle. Ungabakhetha kanjani-ke abangane abakahle? Cabanga ngale mibuzo elandelayo.

1. Abangane obakhethayo bazokwenza uziphathe kanjani?

Sivame ukufana nabantu esichitha nabo isikhathi esiningi. Lokho kungaba yinto enhle noma embi​—kungakhathaliseki ukuthi sisuke sinabo ngokoqobo noma ezinkundleni zokuxhumana. IBhayibheli lithi, “ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku [abantu abangamthandi uJehova] kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Abangane abathanda nabakhonza uJehova bangakusiza uhlale usondelene naye, wenze nezinqumo ezinhle. Kodwa abangane esisondelene nabo abangekho ebandleni bangasiqhelisa kuJehova. Yingakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibakhethe ngokuhlakanipha abangane! Uma abangane bethu kungabantu abathanda uNkulunkulu, siyazuza kubo, nabo bayazuza kithi. Siyakwazi ‘ukuqhubeka sikhuthazana futhi sakhana.’​—1 Thesalonika 5:11.

2. Abangane obakhethayo bazokwenza uJehova azizwe kanjani?

UJehova ubakhetha kahle abangane bakhe. “Uba umngane nabaqotho.” (IzAga 3:32) Angazizwa kanjani uma singakhetha abangane abangamthandi? Angadumala kakhulu! (Funda uJakobe 4:4.) Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyojabula, asikhethe sibe abangane bakhe uma senqaba ukuba nabangane ababi, futhi sisondela kuye nakulabo abamthandayo.​—IHubo 15:1-4.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani kubalulekile ukukhetha abangane abakahle, ubone nokuthi ungabakha kanjani abangane abazothuthukisa ukuphila kwakho.

3. Qapha abangane ababi

Abantu abangamthandi uNkulunkulu nemithetho yakhe bangabangane ababi. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Funda Ukwenqaba Abangane Ababi (6:17)

  • Singazihlanganisa kanjani nabangane ababi singanakile?

Fundani eyoku-1 Korinte 15:33, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Umuntu onjani ongaba umngane omubi kuwe? Kungani usho kanjalo?

Fundani iHubo 119:63, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini okufanele uyibheke kumuntu ofuna abe umngane wakho?

Isitsha esinama-aphula. I-aphula elilodwa elibolile liletha izimpukane futhi seliqala ukubolisa amanye ama-aphula.

I-aphula elilodwa elibolile lingawabolisa wonke. Kungaba namuphi umphumela kuwe ukuba nomngane oyedwa nje omubi?

4. Abantu abahlukile kithi bangaba abangane bethu abahle

IBhayibheli likhuluma ngamadoda amabili akwa-Israyeli wasendulo, uDavide noJonathani. UJonathani wayemdala kunoDavide futhi eyindodana yeNkosi, kodwa babenobungane obuqinile. Fundani eyoku-1 Samuweli 18:1, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kungadingeki ukuba abangane bethu kuhlale kungontanga yethu noma abantu abanokuphila okufana nokwethu?

Fundani eyabaseRoma 1:11, 12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Bangakhuthazana kanjani abangane abathanda uJehova?

Kule vidiyo, bona ukuthi umzalwane osemusha wabathola kanjani abangane ezindaweni angazilindele. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

IVIDIYO: Thola Abangane Ezindaweni Ongazilindele (5:06)

  • Kule vidiyo, kungani abazali baka-Akil babekhathazekile ngabangane ayenabo esikoleni?

  • Yiziphi izinto ezamenza waqala ukubathanda?

  • Wasinqoba kanjani isizungu?

5. Indlela yokuthola abangane abahle

Bukela ukuthi ungabathola kanjani abangane abahle​—nokuthi wena ungaba kanjani umngane omuhle. Dlalani IVIDIYO.

IVIDIYO: Unjani Umngane Weqiniso? (4:14)

Isithombe esithathwe kuyividiyo ethi ‘Unjani Umngane Weqiniso?’ Osemusha uzungezwe abangane bakhe abahlukahlukene ngeminyaka, ngokohlanga nangamakhono.

Fundani izAga 18:24 no-27:17, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Abangane bangempela basizana kanjani?

  • Unabo abangane abanjalo? Uma ungenabo, ungabenza kanjani?

Fundani eyabaseFilipi 2:4, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuze uthole abangane abahle, kudingeka nawe ube umngane omuhle. Ungaba kanjani umngane omuhle?

Izithombe ezihlanganisiwe: Owesifazane osemusha uhlezi nabangane bakhe abathathu. 1. Uxoxa nomunye wabo ocingweni. 2. Uxoxa nomngane wakhe osekhulile eHholo LoMbuso. 3. Uvakashele omunye wabo okhalayo ngenxa yokushonelwa.

Ukuze ube nabangane abahle, nawe kudingeka ube umngane omuhle

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngingamane ngibe umngane wanoma ubani kunokuba ngingabi namngane.”

  • Wena ungathini?

UKUBUYEKEZA

Lapho sikhetha abangane bethu ngokuhlakanipha, sijabulisa uJehova, nathi siyasizakala.

Ufundeni?

  • Kungani kubalulekile kuJehova ukuthi sikhetha abangane abanjani?

  • Abangane abanjani okufanele sibagweme?

  • Singabakha kanjani ubungane obuqinile nabantu abakahle?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi abangane abakahle bangasisiza kanjani ngezikhathi ezinzima.

“Yakhani Ubungane Obuqinile Ngaphambi Kokuba Ukuphela Kufike” (INqabayokulinda, Novemba 2019)

Cabanga ngokuthi yini ongayenza ukuze wenze abangane abahle.

“Ngingabenza Kanjani Abangane Abakahle?” (Intsha Iyabuza​—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1, isahluko 8)

Yini okufanele uyazi ngabangane abatholakala ezinkundleni zokuxhumana?

Hlakanipha Lapho Usebenzisa Izingosi Zokuxhumana (4:12)

Endabeni ethi “Ngangifuna Ukuba Nobaba,” thola ukuthi kungani umuntu othile ahlolisisa abangane ayenabo.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2012)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela