OFakazi BakaJehova—INhlangano Efeza Okushiwo Yigama Layo
NGO-OCTOBER 6, 1990, isixuku sabacishe babe ngu-5 000 esasibuthene eHholo Lomhlangano LoFakazi BakaJehova eDolobheni laseJersey, eNew Jersey, eU.S.A., size emhlanganweni waminyaka yonke weWatch Tower Bible and Tract Society sase sizomangala. Usihlalo, uJohn E. Barr, wazisa izilaleli ngokukhululwa kwevideo yemizuzu engu-55 enesihloko esithi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Lena kwakuyivideo yokuqala eyake yakhishwa iNhlangano, kodwa ngokuqinisekile akuyona eyokugcina.
Levideo ibonisa indlela abantu bakaJehova abahlelwe ngayo ukuba bafakazele igama laphezulu futhi bamemezele “ivangeli lombuso.” (Mathewu 24:14) Kuqokonyiswa indlunkulu eseBrooklyn, eNew York, kanye nezindawo eziseWatchtower Farms. Kuye kwakhiqizwa amakhophi angaphezu kuka-500 000 ngesiNgisi, futhi manje (noma maduze nje) izotholakala nangezinye izilimi ezingu-26.a
Kuye Kwaba Yini Ukusabela?
Abantu abangebona oFakazi BakaJehova baye basabela kanjani kulevideo? Omunye usomabhizinisi wabhala:
“Letape ngiyithole isezingeni elihle ngokukhethekile. Ngihlatshwe umxhwele ikakhulukazi ukugqama nokuhlelwa okuhle kwezithombe. Benginomkhuba wokukhohlwa ukuthi yitape futhi ngicabange ukuthi ibhayisikobho. Letape kufanele isize kakhulu ekuchazeni injongo yendlunkulu yenu eseNew York. Ngiyanihalalisela ngalomsebenzi omuhle kakhulu.”—J. J.
Labo abatadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova baye bazuza ngokubukela levideo. Okulandelayo kuchaza isizathu:
“Ngitadisha iBhayibheli nensizwa eneminyaka engu-20 ubudala futhi efunda eyunivesithi eseduze. Ibilokhu ikhathazekile ngesimo sezwe esiba sibi kakhulu. Kodwa ngemva kokubukela letape nangemva kokubona bonke labobazalwane abasebasha baseBethel benenjongo yangempela ekuphileni, sonke isimo sayo sengqondo siye sashintsha. Yaba Khona Emhlanganweni wethu Okhethekile Wosuku Olulodwa futhi yacela ukutadisha iBhayibheli kabili ngesonto. Omunye umfundi weBhayibheli, onguthishelakazi esikoleni esiphakeme, waboleka levideo ukuze ayibonise izihlobo zakhe. Zazicabanga ukuthi oFakazi BakaJehova bamane bayinhlangano ethile ebuthakathaka, engaziwa, encane. Zashaqeka ukubona ukuthi umsebenzi wethu wenziwa embulungeni yonke yomhlaba nangempumelelo esiyifinyelelayo, siyambonga uJehova.”—J. B.
“Amazwi awanakuyichaza injabulo engaba nayo lapho owesifazane engitadisha naye iBhayibheli ekhala izinyembezi zenjabulo nokwazisa ngemva kokubona levideo. Ekhala wathi: ‘Umuntu kungenzeka kanjani angaboni ukuthi lena iyona inhlangano kaNkulunkulu weqiniso, uJehova? Bengingazi ukuthi bakhona abantu abafana nalaba’ Khona-ke wathi: ‘Ngifuna ukubhapathizwa.’”—C. D.
“Siye saba nempumelelo enkulu ekusebenziseni levideo kwesifunda nabo iBhayibheli. Izolo ebusuku sivakashelwe umyeni wesinye sezifundo zeBhayibheli zomkami. Wayekade ephikisa kakhulu. Ubukele levideo. Ngemva kwalokho ubuze imibuzo futhi uhambe ephethe iBhayibheli nencwadi yokutadisha iBhayibheli ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Esikhathini esedlule wayeshise zonke izincwadi zeBhayibheli zomkakhe!”—D. H.
Intsha nayo iye yathola levideo ihlaba umxhwele, njengoba ukuphawula okulandelayo kubonisa:
“Ngineminyaka eyisithupha nengxenye. Ngithande ingxenye ephathelene namaBhayibheli nalapho amabhokisi egijima khona.”—K. W.
“Izingane zethu ezincane zithe beyingcono kunanoma yiluphi uhlelo ezilubone kuTV.”—R. C.
“Ngemva kokubukela levideo okwesibili, indodana yethu eneminyaka emihlanu ubudala, eyayibukisise ngokucophelela kwaze kwaba sekugcineni, yabuza, ‘Singakubona lokhu nsuku zonke?’ Indodakazi yethu eneminyaka emithathu ubudala yangenela ithi, ‘Ngifuna ukuya eBethel ngiyokwenza izincwadi!’”—M. E.
“Abantwana bami, uRobin noShannan, omunye oneminyaka engu-12 ubudala nomunye engu-9, bayidlala njalo letape belokhu beyiphindaphinda. Indodakazi yami encane ngemva kokubona letape yathi, ‘Ngiyakuthanda ukuphuma ngiye ensimini. Kumnandi kakhulu.’ Sinomuzwa wokuthi levideo iye yaba nomphumela oqondile ekuphileni komkhaya wethu. Yeka indlela okuqabula ngayo ukuvulela uhlelo lwethelevishini ozizwa ulondekile uma ulubukele!”—N. B.
“Ngineminyaka engu-131/2 ubudala. Levideo entsha ingenze ngabona ukuthi ngiwathatha kalula kangakanani amalungiselelo amangalisayo avela kuJehova. Kuyilungelo ukuba omunye wabantu bakaNkulunkulu.”—K. W.
“Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi levideo iye yasiza ukugxilisa engqondweni yami ukuthi umsebenzi wembulunga yonke lona owenziwayo.”—A. M.
“Abantwana bethu baphawula ukuthi izinhlelo ezivamile zakuTV azisakhangi kangako kubo ngenxa yokubona ukuthi ukuzilibazisa kwangempela okungokwasezulwini kungaba njani. Futhi kuye kwaqinisa isifiso sabo sokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele.”—L. M.
Ngisho nalabo osekuyiminyaka eminingi bengoFakazi BakaJehova baye bashukunyiswa yilokho abakubona.
“Uma levideo isithinta ngalendlela thina njengabantu bakaJehova, izobathinta kakhulu kangakanani abanye? Lapho kuba nzima kakhulu ukubhekana nalesimiso, ngithatha ihora esikhathini sami futhi ngivakashele iBethel nginethezekile ekamelweni lami lokuphumula!”—K. B.
“Ngemva kokuba sengibone ukucophelela nesineke okwenziwa ngakho umsebenzi ngamunye, kwaba sengathi ngingaya ekamelweni lami futhi ngigone izincwadi zami zeBhayibheli.”—L. P.
Nawe siyakukhuthaza ukuba uthole isikhathi sokubona ivideo ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Izokunikeza umbono ohlukile ngokuphila futhi ikusize ukuba ube nethemba ekusaseni elilondekile.
[Umbhalo waphansi]
a Ulimi lwezandla lwaseMelika, isiArabhu, isiBasque, isiCantonese, isiCatalan, isiCroatian, isiCzech (saseBohemia), isiDanish, isiDashi, isiFinnish, isiFulentshi, isiGreki, isiHungarian, isiJalimane, isiJapane, isiKorean, isiMandarin, isiNorwegian, isiNtaliyane, isiPanishi, isiPolish, isiPutukezi (saseBrazil), isiPutukezi (saseYurophu), isiRomania, iSlovak, isiSwidi.