IZaziso
◼ Ngo-September: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu. Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila.
◼ Amabandla kufanele a-ode isihloko sonyaka sango-2007 e-odeni lawo elilandelayo. Sicela ningephuzi uku-oda ngoba alikho ilungiselelo elikhethekile lokuthunyelwa kwama-oda afike sekwephuzile. Isihloko sonyaka sizotholakala ngesiBhunu, isiKwangali, isiKwanyama, isiNgisi, isiPedi, isiPutukezi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiVenda, isiXhosa nangesiZulu. Amabandla anga-oda isihloko sonyaka esisodwa solimi ngalunye. Amabandla kufanele achome isihloko sonyaka esisha ngoJanuary 1, 2007.
◼ Kukhunjuzwa abamemezeli ukuthi kubiza kakhulu ukukhiqiza izincwadi ze-Braille—ezinkulu zibiza izinkulungwane ezimbalwa zamaRandi. Lapho egunyaza ukuthunyelwa kwe-Literature Request Form (S-14) unobhala webandla kufanele athole ukuthi lezi zincwadi zi-odwe abamemezeli yini noma izifundo zeBhayibheli ezithuthukayo.
◼ Abaphathi bezincwadi kufanele baphawule ukuthi ama-Literature Request Form (S-14) onyaka omusha wenkonzo asethunyelwe. Ngakho, akudingeki ukuba a-odwe ngaphandle kwalapho eseniphelele.
◼ Abadala bakhunjuzwa ukuba balandele iziqondiso ezinikezwe kuyi-Nqabayokulinda ka-April 15, 1991, emakhasini 21-23 eziphathelene nanoma ibaphi abantu abasusiwe ekuhlanganyeleni noma abazahlukanisa okungenzeka sebethanda ukubuyiselwa.
◼ Ngokuvamile kuye kwenziwe izaziso ezibalulekile kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso maqondana nezindlela zoku-oda izincwadi. Abaphathi bezincwadi kufanele bazifunde lezi zaziso ngokushesha nje lapho bethola amakhophi abo e-Nkonzo Yethu YoMbuso ukuze benze njengokusho kwazo.
◼ Izinkinga ezimaqondana nama-oda ezincwadi kufanele zithunyelwe ehhovisi legatsha ngeposi, ngenombolo ye-fax ethi (011) 761-1380, noma nge-E-mail (literature@jw.org.za). Lapho kunezinkinga ezidinga ukunakekelwa ngokushesha, njengezincwadi ezidukile, ningathinta uMnyango Wezincwadi kule nombolo ethi (011) 761-1000.
◼ Ngezinye izikhathi ihhovisi legatsha lithola ama-oda ezincwadi aphuthumayo. Sicela nigweme ukuwathumela la ma-oda ngaphandle kwalapho niye nathunyelelwa izincwadi ebeningazi-odanga. Saziswa kusenesikhathi ngezincwadi ezizohanjiswa ensimini, ezomkhankaso okhethekile nezizofundwa emihlanganweni yebandla nangamafomu azodingeka. Uma sihlela kahle, singaligwema iningi lala ma-oda aphuthumayo. Ama-oda avamile kufanele athunyelwe ngokushesha inyanga ngayinye, ngisho noma ku-odwe izinto ezimbalwa.
◼ Sicela ningawathumeli nge-fax ama-Literature Request Form (S-14) ehhovisi legatsha ngoba kunzima ukuwafunda. Kutuswa ukuba la mafomu ayiswe edepho yeloli lenhlangano noma athunyelwe ngeposi. Abaphathi bezincwadi kufanele basihlolisise isimiso sokudilivwa kwezincwadi ukuze baqiniseke ukuthi bayawayisa la mafomu edepho ukuze iloli liwathathe.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!—Uhlelo Olubhalwe Ngokugqamile (lunamakhasi angu-800)—ngesiFulentshi, isiNgisi, isiPutukezi nangesiZulu
◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:
Keep on the Watch!—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika
Spirits of the Dead—Can They Help You or Harm You? Do They Really Exist?—ngoLimi Lwezandla LwaseMelika