Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/06 k. 8
  • Sebenzisa Izinsiza-kufundisa Eziphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sebenzisa Izinsiza-kufundisa Eziphumelelayo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufundisa Ngama-video
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Ingabe Kufanele Ngiwabuke Ama-video Omculo?
    I-Phaphama!—2003
  • Sebenzisa Ama-video Lapho Ufundisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
km 2/06 k. 8

Sebenzisa Izinsiza-kufundisa Eziphumelelayo

1. UJehova wazisebenzisa kanjani izinsiza-kufundisa ukuze afundise izinceku zakhe zasendulo, futhi kwaba namuphi umphumela?

1 Ngezinye izikhathi uJehova wayesebenzisa imibono namaphupho ukuze adlulisele ukwaziswa okubalulekile ezincekwini zakhe zasendulo. Cabanga ngombono kaHezekeli wenqola kaJehova yasezulwini. (Hez. 1:1-28) Cabanga indlela uDaniyeli azizwa ngayo ngemva kokuthola iphupho elingokwesiprofetho elichaza ukulandelana kwemibuso yezwe. (Dan. 7:1-15, 28) Kuthiwani ngesambulo esivusa amadlingozi esanikwa umphostoli uJohane “ngezibonakaliso” eziphathelene nezinto ezazizokwenzeka ‘osukwini lweNkosi’? (IsAm. 1:1, 10) UJehova wabafundisa ngezinto ezinemibala egqamile futhi ezishukumisayo, ezashiya isithombe esihlala njalo ezingqondweni zabo.

2. Yiziphi izinsiza-kufundisa esingazisebenzisa ukuze sifundise abanye amaqiniso eBhayibheli?

2 Uma sifuna ukudlulisela kwabanye amaqiniso eBhayibheli ngendlela abangeke bayikhohlwe kalula, singasebenzisa ama-video ethu ukuze sibafundise. La ma-video akhuluma ngezihloko ezihlukahlukene futhi akha ukuthembela eBhayibhelini, enhlanganweni kaJehova nasezimisweni ezithuthukisa ukuphila kwamaKristu. Cabangela izindlela ezimbalwa esingawasebenzisa ngazo ama-video ethu ukufundisa abanye. Ngezansi kunezibonelo zama-video esingase siwasebenzise.

3. Yini ongayisebenzisa ukuze uqondise umfundi weBhayibheli enhlanganweni?

3 Enkonzweni: Ingabe ubulokhu utshela umfundi weBhayibheli ngenhlangano yomhlaba wonke yabafowethu abangamaKristu? Mbonise yona kuyi-video ethi Our Whole Association of Brothers. Ungamboleka yona ukuba ayibukele ngaphambi kwesifundo senu esilandelayo noma niyibukele ndawonye ngokuzayo lapho nifunda. Yibe usuxoxa naye ngemibuzo yokubukeza etholakala kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2002.

4. Yimaphi amathuluzi okufundisa osemusha onguFakazi angawasebenzisa esikoleni?

4 Basha, ningase nicele kuthisha ukuba nibonise ikilasi i-video elandisayo ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault noma ethi Faithful Under Trials—Jehovah’s Witnesses in the Soviet Union. Lungiselela iphepha lemibuzo, uthathe imibuzo ekuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-February 2003 uyivumelanise nengxoxo yasekilasini.

5. Yini abazali abangayisebenzisa ezifundweni zomkhaya?

5 Kwabomkhaya Nakubangane: Bazali, nagcina nini ukuyibukela nezingane zenu i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Kungani ningayibukeli futhi esifundweni somkhaya esilandelayo? INkonzo Yethu YoMbuso ka-April 2002 inemibuzo engavula ingxoxo eshisayo neveza amaqiniso.

6. Ningasihlela kanjani isikhathi esakhayo nabangane?

6 Ingabe kunabangane ebandleni enifuna ukubamemela ekhaya? Ukubukela ndawonye i-video ethi Respect Jehovah’s Authority kungenza isikhathi senu sakusihlwa ndawonye sibe esakhayo, ikakhulukazi uma ngemva kokuyibukela, nibukeza izifundo enizitholile, nisebenzisa imibuzo ekuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 2004.

7. Yimaphi amathuba owacabangayo angase avele okusebenzisa ama-video ethu?

7 Amanye Amathuba: Iyiphi enye indlela ongawasebenzisa ngayo ama-video ethu angu-20 ahlukahlukene? Ingabe ukubonisa abantu obahambela njalo i-video eyodwa noma amabili kungabasiza ukuba bathuthuke ngokomoya? Ungacela yini ukubabonisa la ma-video ekhaya elinakekela abagulayo noma abakhulile? Ingabe la ma-video angenza izihlobo zakho ezingebona oFakazi, omakhelwane nabantu osebenza nabo bahloniphe kakhudlwana? Ama-video ethu ayizinsiza-kufundisa ezinhle, ezifundisayo futhi eziphumelelayo. Wasebenzise ukuze ufundise abanye.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela