Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izophendulwa ngomlomo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-February 27, 2006. Umbonisi wesikole uyosingatha ukubukeza kwemizuzu engu-30 okusekelwe endabeni ecatshangelwé ezabelweni zesonto lika-January 2 kuya ku-February 27, 2006. [Phawula: Lapho kungekho zikhombo ngemva kombuzo, kuyodingeka uzenzele ucwaningo ukuze uthole izimpendulo.—Bheka ethi ISikole Senkonzo, kk. 36-7.]
IZIMFANELO ZOKUKHULUMA
1. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini sisisiza ngaziphi izindlela ‘ukunikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa nokuvuma obala igama lakhe’? (Heb. 13:15) [be-ZU k. 5 isig. 3–k. 6 isig. 1]
2. Kungani kufanele senze umzamo wenkuthalo wokufunda ngokunembile? [be-ZU k. 83 izig. 1-5]
3. Lapho sikhuluma nalapho sifundisa, kungani kubaluleke kakhulu ukuphimisela amagama ngokucacile? [be-ZU k. 86 izig. 1-6]
4. Kungani kubalulekile ukuwaphimisela kahle amagama, futhi iziphi izici okufanele zicatshangelwe? [be-ZU k. 89 isig. 1–k. 90 isig. 3, ibhokisi]
5. Ikuphi okunye kokusikisela okukhona okungasisiza sikhulume ngokuqephuza? [be-ZU k. 94 izig. 4-5, ibhokisi]
ISABELO NO. 1
6. Eyesi-2 IziKronike 36:17-23 ikufakazela kanjani ukuthi isiprofetho seBhayibheli singathenjelwa? [si-ZU k. 84 isig. 35]
7. Iziphi izenzakalo ezenzeka ngokulandelana ezenza amaJuda akwazi ukubuyela ezweni lawo ngo-537 B.C.E. ukuze akhe kabusha indlu kaJehova? [si-ZU k. 85 izig. 1-3]
8. Incwadi ka-Ezra imlwela kanjani uJehova njengoNkulunkulu weqiniso futhi yakhe ukuthembela kuye? [si-ZU k. 87 izig. 14, 18]
9. Kungani ‘unyaka wamashumi amabili ka-Aritahishashita inkosi’ ubalulekile ohlelweni lwezikhathi zeBhayibheli? (Neh. 2:1, 5, 6, 11, 17, 18) [si-ZU k. 88 izig. 2, 5]
10. UNehemiya uyisibonelo esihle ngayiphi indlela ezincekwini zikaNkulunkulu namuhla? [si-ZU k. 90 izig. 16-17]
UKUFUNDWA KWEBHAYIBHELI KWAMASONTO ONKE
11. Labo ababuya ekudingisweni babenalo yini i-Urimi neThumimi, elalisetshenziswa lapho kudingeka impendulo evela kuJehova? (Ezra 2:61-63)
12. Kungani amaJuda amaningi ayeseBhabhiloni aba manqikanqika ukukhuphukela eJerusalema no-Ezra? (Ezra 7:28–8:20)
13. Umsebenzi wokwakha kabusha udonga wawungenziwa kanjani ngesandla esisodwa? (Neh. 4:17, 18)
14. Njengoba izincwadi eziyimfihlo zazivame ukufakwa esikhwameni esivalwe kahle, kungani uSanibhalati athumela kuNehemiya ‘incwadi evulekile’? (Neh. 6:5)
15. Ngaphandle ‘kokusola’ amaJuda ayehlubuka, njengoba ayenze kanjalo ezikhulwini nasezicukuthwaneni ngaphambili, yiziphi ezinye izinyathelo zokuqondisa izigwegwe uNehemiya azithatha? (Neh. 13:25, 28)