Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mwb19 Mashi k. 7
  • Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli
  • INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufundisa Ngama-video
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Sebenzisa Izinsiza-kufundisa Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ingabe Kufanele Ngiwabuke Ama-video Omculo?
    I-Phaphama!—2003
  • Sebenzisa Ama-video Lapho Ufundisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
Bheka Okunye
INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
mwb19 Mashi k. 7
Udadewethu ubonisa afunda naye iBhayibheli ividiyo

UKUPHILA NJENGAMAKRISTU

Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli

Izinto ezibukwayo zenza umuntu agxilise ingqondo, zimsize nokuba akuqonde futhi akukhumbule lokho akufundayo. UMfundisi wethu Oyinhloko uJehova wasebenzisa izinto abantu abazibonayo ukuze abafundise izifundo ezibalulekile. (Gen 15:5; Jer 18:1-6) Umfundisi wethu Omkhulu uJesu naye wazisebenzisa. (Math 18:2-6; 22:19-21) Enye yezinto ezibukwayo eye yaba usizo kakhulu kule minyaka yamuva yividiyo. Ingabe uwasebenzisa ngokugcwele amavidiyo lapho ufundisa ofunda nabo iBhayibheli?

Kunamavidiyo ayishumi alungiselelwe ukusisiza lapho sifundisa ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Ngokuvamile, isihloko sevidiyo ngayinye sihambisana neminye yemibuzo ebhalwe ngokugqamile kule ncwajana. Incwajana esemishinini yethu yezobuchwepheshe eku-jw.org izosikhumbuza lapho sekudingeka sidlale ividiyo ngokuba ibe negama le vidiyo esingalichofoza. Ngaphezu kwalokho, kukhona namanye amavidiyo esingawabuka lapho sifunda izincwadi zokutadisha ezihlukahlukene eziseBhokisini lethu Lamathuluzi Okufundisa.

Ingabe nixoxa ngendaba ethile eseBhayibhelini okungase kube nzima ukuba ofunda naye ayiqonde? Noma ingabe ofunda naye ubhekene novivinyo oluthile? Cinga kumavidiyo aku-jw.org® naku-JW Broadcasting® ukuze uthole ividiyo engamsiza. Mhlawumbe wena nofunda naye ningabuka enye yalawo mavidiyo ndawonye bese nixoxa ngayo.

Inyanga ngayinye kukhululwa amavidiyo amasha. Lapho uwabuka, cabanga ngendlela ongawasebenzisa ngayo lapho ufundisa abanye.

AMAVIDIYO ONGAWASEBENZISA LAPHO NIFUNDA INCWAJANA ETHI IZINDABA EZINHLE

  • Ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?

    Isifundo 2

    Ingabe UNkulunkulu Unalo Igama?

  • Ividiyo ethi Ngubani Umlobi WeBhayibheli?

    Isifundo 3

    Ngubani Umlobi WeBhayibheli?

  • Ividiyo ethi Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?

    Singaqiniseka Kanjani Ukuthi IBhayibheli Liyiqiniso?

  • Ividiyo ethi Kungani UJesu Afa?

    Isifundo 4

    Kungani UJesu Afa?

  • Ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba?

    Isifundo 5

    Kungani UNkulunkulu Adala Umhlaba?

  • Ividiyo ethi Siyini Isimo Sabantu Abafile?

    Isifundo 6

    Siyini Isimo Sabantu Abafile?

  • Ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

    Isifundo 7

    Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

  • Ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

    Isifundo 8

    Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

  • Ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Wamukela Zonke Izindlela Zokukhonza?

    Isifundo 10

    Ingabe UNkulunkulu Wamukela Zonke Izindlela Zokukhonza?

  • Ividiyo ethi Ingabe UNkulunkulu Ulalela Yonke Imithandazo?

    Isifundo 12

    Ingabe UNkulunkulu Ulalela Yonke Imithandazo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela