Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/05 k. 11
  • Ingabe Uyazisebenzisa Izimemo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyazisebenzisa Izimemo?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zisebenzise Ngokunenzuzo Izimemo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1998
  • Umkhankaso Womhlaba Wonke Wokumemezela Umhlangano Wesigodi Othi “Ukukhululwa Kuseduze!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Umzamo Obumbene Womhlaba Wonke Wokumemezela UMhlangano Wesigodi Othi “Landela UKristu!”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ukushumayela Izindaba Ezinhle—Ngamapheshana Nezimemo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
km 10/05 k. 11

Ingabe Uyazisebenzisa Izimemo?

Ngolunye usuku umfana othile oneminyaka engu-11 wathola isimemo esasimemezela ngenkulumo yasobala ekhuluma ngesihogo. Kamuva wachaza: “Lokhu kwavusa ilukuluku elikhulu kimi, njengoba ngangibonakala ngenza okungalungile ngaso sonke isikhathi, futhi lokho kwakungenza ngihlale ngikhathazekile ngokuthi ngiyokuya esihogweni esivuthayo lapho ngifa.” Lo mfana waba khona lapho kubekwa le nkulumo, futhi cishe esikhathini esingangonyaka, ngemva kokuqhutshelwa isifundo seBhayibheli izikhathi eziningana, wabhapathizwa. Yaqala kanjalo-ke inkonzo yobuKristu kaKarl Klein, kamuva owakhonza iminyaka eminingi njengelungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Konke kwaqala ngesimemo.

Nanamuhla, izimemo ziseyithuluzi eliphumelelayo lokufakaza. Abamemezeli abaningi bathola ukuthi ukunikeza umuntu isimemo kuyindlela ekahle yokuzethula neyokuqala ingxoxo. Abazali bangasiza izingane zabo ezincane zihlanganyele enkonzweni ngokuzinikeza isabelo sokuhambisa izimemo ezindlini abangena kuzo. Abamemezeli abashumayela ngokubhala izincwadi bangazisa abantu ngemihlangano ngokufaka izimemo kulezo zincwadi abazibhalayo. Kanti futhi izimemo ziyindlela ekahle yokumema izifundo zethu zeBhayibheli nabanye abantu abanesithakazelo ukuba beze emihlanganweni yethu.

Ekhasini lokuqala lesimemo kunencazelo emfushane yomhlangano ngamunye webandla. Njengoba lingekho ikheli leHholo LoMbuso nezikhathi zemihlangano, kuyodingeka ukubhale lokho lapho umema umuntu. Kunesikhala sokubhala noma sokugxiviza lokho kwaziswa esimemweni uma uthanda. Ingabe uzisebenzisa ngokuphumelelayo izimemo enkonzweni yakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela