Thuthukisa Ikhono Lokubonisana Nabanye
1. Yikuphi ukulandisa kweBhayibheli esizokuhlola, futhi ngani?
1 Inkulumo umphostoli uPawulu ayinikeza esinagogeni lase-Antiyokiya ePhisidiya, njengoba ilotshwe encwadini yezEnzo 13:16-41, iyisibonelo esihle sendlela yokubonisana nabanye. UPawulu wayesicabangela isizinda sezilaleli zakhe nendlela ezicabanga ngayo abese evumelanisa isigijimi sakhe sezindaba ezinhle nalezo zinto. Njengoba sihlola lokhu kulandisa, ake sicabangele indlela esingakwenza ngayo lokhu enkonzweni yethu.
2. Sifundani endleleni uPawulu ayiqala ngayo inkulumo yakhe?
2 Funa Izinto Enivumelana Ngazo: Nakuba isigijimi sikaPawulu sasigxile endimeni eyinhloko efezwa uJesu ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu, akazange aqale ngalelo phuzu enkulumweni yakhe. Kunalokho, wakhuluma ngomlando wamaJuda, okuyinto ababevumelana ngayo nezilaleli zakhe, iningi lazo elalingamaJuda. (IzE. 13:16-22) Nathi siyophumelela kakhulu ekufinyeleleni abanye uma sifuna izinto esivumelana nabo ngazo. Ukuze sifeze lokhu kungase kudingeke sithole umbono wabo ngokubuza imibuzo ngokuhlakanipha bese silalelisisa ukuze sithole ukuthi yini ngempela ebalulekile kubo.
3. Yini eyakwenza kwaba nzima ngezilaleli zikaPawulu ukwamukela ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe?
3 Lapho exoxa ngomlando wamaJuda, uPawulu wakhumbuza izilaleli zakhe ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuveza uMsindisi ohlwini lozalo lukaDavide. Nokho, amaJuda amaningi ayelinde iqhawe lezempi elalizowakhulula ejokeni lamaRoma futhi liphakamise isizwe samaJuda ngaphezu kwazo zonke ezinye. Akungabazeki ukuthi ayeqaphela ukuthi abaholi benkolo abangamaJuda babemnqabile uJesu eJerusalema, bamnikela kubabusi abangamaRoma, futhi bambulala. UPawulu wayeyowakholisa kanjani ukuthi lo Jesu wayenguMesiya othenjisiwe?
4. UPawulu wabonisana kanjani ngobuciko nezilaleli zakhe ezingamaJuda?
4 Vumelanisa Intshumayelo Yakho Nezilaleli: Njengoba ayeyazi indlela izilaleli zakhe ezicabanga ngayo, uPawulu wasebenzisa imiBhalo ukuze abonisane nazo ngezinto ezase zizamukele kakade. Ngokwesibonelo, waqala ngokuveza ukuthi uJesu wayeyinzalo kaDavide nokuthi uJohane uMbhapathizi, iningi elalimbheka njengomprofethi kaNkulunkulu, wayemveze ngokuqondile. (IzE. 13:23-25) UPawulu waveza ukuthi lapho abaholi benkolo benqaba uJesu futhi bemahlulelela ukufa, “bagcwalisa izinto ezashiwo abaProfethi.” (IzE. 13:26-28) Ngaphezu kwalokho, wachaza ukuthi la maJuda ayengofakazi bokuzibonela bokuthi uJesu wayevusiwe kwabafileyo, futhi waqokomisa imiBhalo ayeyijwayele eyagcwaliseka lapho uJesu evuswa.—IzE. 13:29-37.
5. (a) UPawulu wayivumelanisa kanjani intshumayelo yakhe nezilaleli zakhe ezingamaGreki? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaPawulu lapho sishumayela ensimini yebandla?
5 Kodwa-ke, lapho exoxa nezilaleli ezingamaGreki e-Areyophagu e-Athene, uPawulu wasebenzisa indlela ehlukile. (IzE. 17:22-31) Nokho, wethula isigijimi esifanayo, futhi kuzo zombili lezi zimo kwaba nemiphumela emihle. (IzE. 13:42, 43; 17:34) Ngokufanayo nanamuhla, siyophumelela kakhulu enkonzweni yethu uma sifuna izinto esivumelana ngazo nezilaleli zethu futhi sivumelanise intshumayelo yethu nesizinda sazo nendlela yazo yokucabanga.