Izincwajana Ezilungiselelwe Abantu Abangamalungu Ezinkolo Ezingezona EzobuKristu
“Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
Uma uxoxa nomuntu osekhulile ongumBuddha ungase uthi:
“Mhlawumbe ukhathazeke njengami ngaleli gagasi elikhona manje lemibono eyonakele nendlela ethonya ngayo izingane zethu. Kungani sekwande kangaka ukuziphatha okubi phakathi kwentsha? [Lindela impendulo.] Bewazi yini ukuthi lokhu kwabikezelwa encwadini eyaqala ukubhalwa esikhathini eside ngaphambi kokuba kumiswe inkolo yobuSulumane, eyobuKristu neyamaHindu? [Funda eyesi-2 Thimothewu 3:1-3.] Phawula ukuthi lezi zimo ziyadlondlobala naphezu kokutholakala kolwazi ngokuqhubekayo. [Funda ivesi 7.] Le ncwajana yangisiza ukuba ngiqonde iqiniso abantu abaningi abangakaze bezwe ngalo. Ungathanda ukufunda ngalo?”—km-ZU 2/98 k. 5, izig. 17-20.
Lasting Peace and Happiness—How to Find Them
Lapho ufakaza kumfundi ongumShayina, ungase uthi:
“Ngiye ngathola ukuthi abafundi bakhathazeke ngento eyodwa, bonke bafuna ukuthula nenjabulo. Ingabe wena ucabanga ukuthi lokhu kubalulekile? [Lindela impendulo.] Bekungaba kuhle ukubona la mazwi ashiwo mandulo egcwaliseka, akunjalo?” Funda iHubo 37:11, bese uhambisa le ncwajana.—km-ZU 2/98 k. 5.
Our Problems—Who Will Help Us Solve Them?
Lapho uxoxa nomHindu osemusha, ungase uthi:
“Akungabazeki ukuthi uyakholelwa kuNkulunkulu. Ucabanga ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu ngathi? [Lindela impendulo bese ufunda uGenesise 1:28.] Ezindaweni eziningi emhlabeni, abantu sebegcwele futhi kunezinkinga eziningi kakhulu. Ucabanga ukuthi uMdali angathanda ukusiza ekuxazululeni izinkinga zethu?” Lindela impendulo bese uhambisa le ncwajana.—km-ZU 9/99 k. 8.
The Guidance of God—Our Way to Paradise
Lapho ukhuluma nomSulumane, ungase uthi:
“Ngenza umzamo okhethekile wokuxoxa namaSulumane. Uma ngingenzi iphutha, kuthiwa amaSulumane akholelwa kuNkulunkulu oyedwa weqiniso nakubo bonke abaprofethi. Ingabe kunjalo? [Lindela impendulo.] Ngingathanda ukuxoxa nawe ngesiprofetho samandulo esabikezela ngokuguqulwa komhlaba ube ipharadesi. Ungathanda yini ngikufundele okuthile okwabhalwa umprofethi? [Lindela impendulo bese ufunda u-Isaya 11:6-9.] Lesi siprofetho singenza ngicabange ngokuthile okucashunwe kuyiKoran okukule ncwajana.” Vula ekhasini 9, bese ufunda ingcaphuno ebhalwe ngamagama agqamile. Uma oxoxa naye ebonisa ukuthi angathanda ukwazi okwengeziwe, qhubeka uxoxa naye ngezigaba 7-9 ekhasini elilandelayo.—km-ZU 11/99 k. 8.
Why Should We Worship God in Love and Truth?
Le ntshumayelo ingase imkhange umHindu onomkhaya:
“Ngihambela abantu abakhathazeke ngesimo sokuphila kwemikhaya emazweni amaningi namuhla. Ucabanga ukuthi yini engasiza imikhaya ukuba ihlale ibumbene? [Lindela impendulo.] Abanye abantu bayazi ukuthi imibhalo yamaHindu ithini ngemikhaya, kodwa abakaze balithole ithuba lokuqhathanisa lokhu nalokho iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba. Ngingathanda ukuxoxa nawe ngale ndaba. [Funda eyabaseKolose 3:12-14.] Le ncwajana ihlola imibhalo engcwele yaseNdiya kanye neBhayibheli.” Hambisa le ncwajana, uqokomise amakhasi 8-9 kanye namakhasi 20-1.—km-ZU 9/99 k. 8.
Will There Ever Be a World Without War?
Lapho ufakaza kumJuda, ungase uthi:
“Abaningi bethu bayazi ukuthi kubuhlungu kanjani ukushonelwa isihlobo esithandekayo. Ucabanga ukuthi kwenzekani kithi lapho sifa?” Lindela impendulo bese uqokomisa ibhokisi elinesihloko esithi “Death and the Soul—What Are They? [Kuyini Ukufa Nomphefumulo?]” elisekhasini 22 kule ncwajana. Funda isigaba 17 ekhasini 23 esikhuluma ngovuko. Yisho ukuthi inzalamizi uJobe yayinalo ithemba lovuko. Hambisa le ncwajana, bese uhlela ukuba uphinde ubuye nizoxoxa ngemibhalo ekhonjiwe ekugcineni kwesigaba 17.—km-ZU 10/99 k. 12.