Izintshumayelo Ezisikiselwayo Zokuhambisa Incwajana Ethi Iyini Injongo Yokuphila—Ungayithola Kanjani?
Ngemva kokubingelela umninikhaya, ungase uthi:
“Ekuphileni kwanamuhla ayikho indlela yokugwema izinkinga nokudumazeka. Ucabanga ukuthi kwakuhloswe ukuba ukuphila kube ngale ndlela? [Lindela impendulo.] Le ncwajana ibonisa ukuthi injongo kaNkulunkulu yokuqala ngesintu nangomhlaba isazogcwaliseka. [Xoxa ngomfanekiso osemakhasini 20-1. Funda isigaba 9, esiqokomisa u-Isaya 14:24 no-46:11.] Uma ngibuya ngokuzayo, ngingathanda ukukubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokubuyisela kukaNkulunkulu iPharadesi emhlabeni.” Hambisa incwajana, bese uhlela ukubuya.
Lapho uphindela, ungase uthi:
“Ngokudlule ngachaza ukuthi injongo kaNkulunkulu iwukuba abantu baphile emhlabeni oyipharadesi kuze kube phakade. [Mbonise futhi umfanekiso osemakhasini 20-1.] Phawula ukuthi uJesu, uPetru noDavide bakhuluma ngePharadesi.” Mcele athathe incwajana yakhe, bese nivula amakhasi 21-2, nifunde izigaba 10-13. Sikisela isifundo seBhayibheli, noma uhlele ukuthi nifunde esinye sezihlokwana ezisemakhasini 29-30 ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
Osemusha ongummemezeli angase athi:
“Abantu abaningi abangontanga yami abaqiniseki ngekusasa. Ucabanga ukuthi ukuphila kwesizukulwane esizayo kuyoba ngcono? [Lindela impendulo.] IBhayibheli likhuluma ngekusasa eliqhakazile laso sonke isintu. [Vula umfanekiso osekhasini 31 kule ncwajana, ufunde amagama akuwo. Yibe usufunda eyesi-2 Petru 3:13.] Le ncwajana ikhuluma ngezibusiso uNkulunkulu azigcinele isintu. [Qokomisa izihlokwana ezibhalwe ngokugqamile ezisemakhasini 29-30, bese uhambisa incwajana.] Ngingathanda ukukuvakashela futhi sizoxoxa ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda zonke izimpi.” Yenza amalungiselelo okuphindela.
Lapho uphindela, ungase uthi:
“Esikhathini esidlule lapho ngikuhambele, ngathi qaphuqaphu ngenjongo kaNkulunkulu yokubuyisela ipharadesi lasemhlabeni. [Mbonise futhi umfanekiso osekhasini 31.] Ngingathanda ukuzwa umbono wakho ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuqeda zonke izimpi.” Mcele athathe incwajana yakhe, bese nifunda futhi nixoxa ngezigaba 3-6 ekhasini 29. Hlela ukuthi nifunde izigaba 7-8 ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
Lapho esebenza nengane, umuntu omdala angase azethule yena nengane abese ethi:
“Uma uvuma, u-________ angathanda ukukubonisa umfanekiso othile akufundele nevesi elilodwa eBhayibhelini. [Ingane ibonisa umninikhaya umfanekiso osekhasini 31, ifunde amazwi asesithombeni bese ifunda isAmbulo 21:4.] Le ncwajana ichaza lokho uNkulunkulu azokwenza ngezinkinga esibhekene nazo namuhla. [Yithi fahla-fahla ngezihlokwana ezibhalwe ngokugqamile ezisemakhasini 29-30, bese uhambisa incwajana.] Lapho siphinda sikuhambela, ngingathanda ukukubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphela kwazo zonke izinkinga zempilo.”
Lapho bephindela, umuntu omdala angase athi:
“Lapho sixoxa ngokudlule, ngachaza ukuthi ngingathanda ukukubonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokuphela kwazo zonke izinkinga zempilo. Phawula okushiwo lapha.” Mcele athathe incwajana yakhe, bese nifunda izigaba 9-14 ekhasini 29. Sikisela isifundo seBhayibheli, noma uhlele ukuthi nifunde izigaba 15-17 ekuhambeleni kwakho okulandelayo.