ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
Phawula: INkonzo Yethu YoMbuso izoba nesimiso soMhlangano Wenkonzo wesonto ngalinye ngesikhathi semihlangano yesigodi. Amabandla angase enze ushintsho oludingekayo ukuze akwazi ukuya eMhlanganweni Wesigodi onesihloko esithi “Hambani NoNkulunkulu.” Lapho kufaneleka khona, sebenzisani imizuzu engu-15 eMhlanganweni Wenkonzo wokugcina ngaphambi kokuya emhlanganweni wesigodi ukuze nibukeze iseluleko esifanele esisesenezelweni sika-October esisebenza ebandleni lakini. Ngo-February 2005, kuyoba noMhlangano Wenkonzo oyohlelelwa ukubukeza amaphuzu avelele esimiso somhlangano wesigodi. Ukuze sizilungiselele lokhu kubukeza, sonke kufanele sizibhalele amaphuzu abalulekile emhlanganweni, kuhlanganise nohlu lwamaphuzu esifuna ukuwasebenzisa ekuphileni kwethu nasenkonzweni yasensimini. Khona-ke siyokwazi ukukhuthaza abanye ngokuchaza indlela esikusebenzise ngayo lokho okusikiselwe.
Isonto Eliqala Ngo-November 8
INgoma 180
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Ngo-November sizohambisa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Bukeza kafushane izintshumayelo ezisikiselwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2004, ikhasi 3.
15 imiz: Usukhulumile Yini Nomqashi Wakho? Inkulumo nengxoxo nezilaleli esingathwa umdala, esekelwe esihlokweni esithi “Uzoba Khona Yini Wena?” esikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2002, ikhasi 1. Hlanganisa namaphuzu encwadi ISikole Senkonzo, ikhasi 67.
20 imiz: “Londoloza Umuzwa Wokuphuthuma!”a Hlanganisa namaphuzu e-Nqabayokulinda ka-January 15, 2000, amakhasi 12-13.
INgoma 19 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 15
INgoma 170
10 imiz: Izaziso zebandla. Uma ukusikisela okusekhasini 4 kufanelana nensimu yebandla lenu, kusebenzise ekwenzeni imiboniso yokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-November 15 ne-Phaphama! ka-December 8. Nezinye izintshumayelo ezingafaneleka ensimini yenu zingasetshenziswa.
20 imiz: Uke Uyizwe Yini Injabulo Etholakala Ngokupha? Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2004, amakhasi 19-23.
15 imiz: Kujabulele Ukusiza Abanye. (Joh. 4:34) Izingxoxo. Kuyajabulisa ukubona umuntu efikelwa injabulo lapho efunda amaqiniso eZwi likaNkulunkulu. (w94-ZU 3/1 k. 29 izig. 5-6) Xoxa namaphayona noma abamemezeli ababili noma abathathu abaphumelelayo ekusebenziseni iBhayibheli enkonzweni, nasekuqaleni futhi baqhube izifundo zeBhayibheli. Basihlakulela kanjani isithakazelo abasitholayo? Ukwenza kanjalo kubanika yiphi injabulo? Mabalandise noma balingise okuhlangenwe nakho abakuthole enkonzweni yabo.
INgoma 66 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 22
INgoma 199
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
20 imiz: Izidingo zebandla.
15 imiz: Zuza Ngokugcwele EMhlanganweni Wenkonzo. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini Ukuhlelelwa, amakhasi 71-2. UMhlangano Wenkonzo usisiza kuziphi izici ezinhlanu ukuba sithuthuke njengezikhonzi ezingamaKristu? Yisho izibonelo ezisesimisweni sale nyanga. Iziphi izinzuzo zokulungiselela kusengaphambili? Kungani kufanele sibe khona njalo? Isiphi isibonelo esisemiBhalweni esiyisandulela salo mhlangano?
INgoma 58 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-November 29
INgoma 23
10 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yenkonzo yasensimini ka-November. Yenza umboniso wokuhanjiswa kwe-Nqabayokulinda ka-December 1 ne-Phaphama! ka-December 8.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo esingathwa umdala.
25 imiz: “Ukuqhuba Izifundo ZeBhayibheli Ezithuthukayo—INgxenye 3.”b Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Ngemva kokuxoxa ngesigaba 3, makube nomboniso omfushane wesifundo seBhayibheli sencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo?, isifundo 5, isigaba 1. Isigaba sesifundiwe, nombuzo usuphenduliwe. Umqhubi nomfundi bafunda futhi baxoxe ngo-Isaya 45:18 nomShumayeli 1:4. Umqhubi usebenzisa imibuzo elula ukuze enze umfundi achaze indlela umBhalo ngamunye ohlobana ngayo nephuzu okukhulunywa ngalo.
INgoma 178 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-December 6
INgoma 96
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho incwadi ehanjiswayo ngo-December. Makube nomboniso wentshumayelo eyodwa noma ezimbili ezingasetshenziswa ekuhambiseni incwadi Umuntu Omkhulu.
20 imiz: “Ungasiza?”c Xoxa nommemezeli oyedwa noma ababili abalwazisa usizo noma isikhuthazo abasithola kwabanye.
15 imiz: Okuhlangenwe nakho kwasebandleni. Cela izilaleli zixoxe okuhlangenwe nakho ezikuthole ensimini engabelwe noma lapho zisebenza insimu yebandla engasetshenzwa njalo. Uma ibandla lingasebenzanga kula masimu, cela izilaleli zisho okuhlangenwe nakho kokushumayela ngokwethukela, kokusebenza ensimini yamabhizinisi nasensimini evamile. Hlela kusengaphambili ukuba kulingiswe okuhlangenwe nakho okuphawulekayo. Batuse bonke ngokusekela kwabo umkhankaso wensimu engabelwe.
INgoma 101 nomthandazo wokuphetha.
[Imibhalo yaphansi]
a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.