Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/04 k. 1
  • Ungasiza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungasiza?
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ‘Uyathanda’ Ukusiza Abanye?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Khumbula Asebekhulile Abathembekile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Ungammema Yini?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Yini Engasisiza Ukuba Sime Siqinile Okholweni?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 11/04 k. 1

Ungasiza?

1 UJehova uhlale efuna izindlela zokusiza izinceku zakhe eziqotho. (2 IziKr. 16:9; Isaya 41:10, 13) Emfanisa nomalusi okhathalelayo, u-Isaya wabhala: ‘Ngengalo yakhe uyoqoqela ndawonye amawundlu; awathwale esifubeni sakhe. Izindlezane uyozihola ngokunakekela.’ (Isaya 40:11) Cabanga ngezinye izindlela esingakulingisa ngazo ukukhathalela kukaJehova kothando.

2 Siza Abasanda Kuhlanganyela: Singaba usizo ngokumema abasanda kuhlanganyela ukuba bajabulele ubudlelwane obakhayo kanye nathi. (IzAga 13:20) Ekhumbula indlela abanye abamsiza ngayo lapho eqala ukuzihlanganisa nebandla, omunye umzalwane wathi: “Kaningi, omunye umkhaya wawungimema esifundweni sawo somkhaya. Njengoba ngangithuthuka, omunye umbhangqwana osemusha ongamaphayona wawungimema njalo ukuba ngibe nawo enkonzweni usuku lonke. Njalo sasiba nezingxoxo ezinhle ezingokomoya.” Wanezela: “Ngaphambi kokuba ngibe umKristu, ngangivame ukuhamba ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ebusuku ngiyozijabulisa. Kodwa isikhathi engangisichitha nabazalwane sangenza ngangaba nesizungu.” Ukukhathalela kothando kwebandla kwasiza lo mzalwane ukuba agxile futhi asimame okholweni, futhi manje ukhonza njengelungu lomkhaya waseBethel.—Kol. 2:6, 7.

3 Yakhanani: Singase sibone ithuba lokusiza lapho abafowethu bebhekana nezimo ezinzima. Ungakwazi yini ukuhlela ukufakaza ngocingo nommemezeli onempilo ebuthaka noma ummeme ukuba ahambe nawe niyoqhuba isifundo seBhayibheli, mhlawumbe uze ulethe leso sifundo ekhaya lakhe? Kungenzeka yini ukuthi umzali onabantwana abancane udinga usizo lapho esenkozweni? Bakhona yini abanamahloni abangalujabulela usizo lwakho lapho beyokwenza izimpindelo noma behlanganyela kunoma isiphi esinye isici senkonzo? Ukuba nesithakazelo sothando kubafowethu kuyosishukumisela ukufuna izindlela zokubakha.—Roma 14:19.

4 Njengoba silingisa ukuzikhathalela kukaJehova ngesisa izinceku zakhe, siyaqinisana, sisize ekubeni ibandla libe munye othandweni, futhi sikhazimulise uBaba wethu osezulwini.—Efe. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela