IZaziso
◼ Ngo-November: Funda KuMfundisi Omkhulu noma ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyakhishwa ngaphambi kuka-1990 okungenzeka ibandla linayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi esitokweni, sicela nibheke emabandleni aseduze ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala ezinqwabelene eningazisebenzisa. Ngo-February: Sondela KuJehova.
◼ Umbonisi owengamele noma othile okhethwe nguye kufanele abale izimali zebandla ngo-December 1 noma ngokushesha ngemva kwalokho. Uma kune-akhawunti yasebhange eseceleni, njengeyokulungisa noma yokwakha iHholo LoMbuso, kufanele kwenziwe amalungiselelo okubala nezimali ezikuleyo akhawunti. Uma sekuphelile ukubala, kufanele kwaziswe ibandla kuhlanganiswe nombiko wezimali olandelayo.
◼ Amabandla kufanele aqale uku-oda imiqulu ye-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ka-2004 e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo. Le miqulu izotholakala ngesiCroatia, isiDashi, isiFulentshi, isiGreki, isiJalimane, isiJapane, isiKorea, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPolish, isiPutukezi, isiRomania, isiRussia, isiShayina neSpanishi. Kuze kube yilapho le miqulu isitholakala futhi isithunyelwe, kuyothiwa “Isazothunyelwa” ohlwini lwezincwadi ezithunyelelwa ibandla. Imiqulu iyizinto ezi-odwa ngokukhethekile.
◼ Mbonisi owengamele: Sicela uqiniseke ukuthi kugcwaliswa ifomu leSabelo Sensimu Engabelwe (S-91) futhi lithunyelwe ehhovisi legatsha kanye nebalazwe lensimu. Lokhu kufanele kwenziwe ngaphambi kuka-November 15, 2004. Thumela nokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo. Kufanele kusetshenziswe isitembu esifanele emvilophini enkulu.
◼ Amabandla angakawa-odi ama-Advance Medical Directive/Release Card nama-Identity Card kufanele enze kanjalo e-odeni lawo lezincwadi lika-December. Sicela ni-ode ngamaqoqo angama-20. Ningawakhiphi la makhadi. Wagcineni kuze kube yilapho nithola iziyalezo ezengeziwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso.
◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:
Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke—2005—Ebhalwe Ngokugqamile—ngesiPutukezi, nangesiZulu