Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/04 k. 1
  • Londoloza Umuzwa Wokuphuthuma!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Londoloza Umuzwa Wokuphuthuma!
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlale Unomuzwa Wokuphuthuma
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Londoloza Umuzwa Wakho Wokuphuthuma
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indlela Yokuhlakulela Umuzwa Wokuphuthuma Lapho Sishumayela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Ukwandisa Umsebenzi Wokufakaza Njengoba Isiphelo Sisondela
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 11/04 k. 1

Londoloza Umuzwa Wokuphuthuma!

1 UJesu wayazi ukuthi isikhathi ayenaso emhlabeni sokufeza umsebenzi kaYise sasilinganiselwe. (Joh. 9:4) Ngakho, wenza inkonzo yakhe enomuzwa wokuphuthuma, futhi waqeqesha abafundi bakhe ukuba benze okufanayo. (Luka 4:42-44; 8:1; 10:2-4) Ukunethezeka okulethwa izinto ezibonakalayo kwakungabalulekile kuye. (Math. 8:20) Ngakho, wakwazi ukuqeda umsebenzi uJehova ayemnike wona.—Joh. 17:4.

2 Isikhathi Esilinganiselwe: Isikhathi sokushumayela izindaba ezinhle “emhlabeni wonke owakhiwe” naso silinganiselwe. (Math. 24:14) Iziprofetho zeBhayibheli zembula ukuthi singene shì esikhathini sokuphela. Maduze ‘labo abangamazi uNkulunkulu nalabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu bazothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.’ (2 Thes. 1:6-9) Leso sahlulelo sizofika ngokukhulu ukuzuma. (Luka 21:34, 35; 1 Thes. 5:2, 3) Kudingeka abantu baphaphame babone isimo sabo esibucayi. Kungumthwalo wethu wemfanelo ukubasiza ukuba bafune ukuvunyelwa uJehova isikhathi sisekhona.—Zef. 2:2, 3.

3 Ukwenza Konke Esingakwenza: Njengoba izinceku zikaNkulunkulu ziqaphela ukuthi “isikhathi esesisele sinciphile,” zibeka umsebenzi wokushumayela kuqala. (1 Kor. 7:29-31; Math. 6:33) Abanye baye badela amathuba okwenza imali noma ezinye izinto abebengazenzela zona ukuze bathuthukise izinga abahlanganyela ngalo enkonzweni. (Marku 10:29, 30) Abanye bayaqhubeka ‘benokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’ naphezu kwezinhlupheko ezingapheli. (1 Kor. 15:58) Sekuyiminyaka abaningi bememezela izindaba ezinhle obala ngaphandle kokuntengantenga. (Heb. 10:23) UJehova ukwazisa kakhulu konke ukuzidela okunjalo okwenzelwa ukusekela izithakazelo zoMbuso.—Heb. 6:10.

4 Ukugxilisa ukuphila kwethu ekukhulekeleni uJehova, okuhlanganisa umsebenzi wokushumayela, kusisiza ukuba sigcine usuku lukaJehova luseduze engqondweni. Kusivikela ekuphazanyisweni izwe likaSathane futhi kuqinise ukuzimisela kwethu ukulondoloza ukuziphatha okungcwele. (2 Pet. 3:11-14) Ngempela, ukwenza inkonzo yethu sinomuzwa wokuphuthuma kungasindisa ukuphila, kokubili okwethu nokwalabo abasilalelayo.—1 Thim. 4:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela