Yini Engasisiza Ukuba Sime Siqinile Okholweni?
1 Selokhu saqala ukuhlanganyela nenhlangano kaJehova, intuthuko yethu engokomoya iye yaba umthombo wenjabulo kithina! Nokho, kudingeka ukukhula okuqhubekayo ngokomoya ukuze silokhu ‘sigxila, sakhiwa futhi sisimamiswa okholweni.’ (Kol. 2:6, 7) Nakuba abaningi beye bathuthuka ngokomoya, abanye baye bahlehla ngenxa yokuhluleka ‘ukuma beqinile okholweni.’ (1 Kor. 16:13) Singakuvimbela lokhu ukuba kwenzeke kithi. Kanjani?
2 Ukuhlala Simatasa Ngokomoya: Yakha isimiso esihle esingokomoya enhlanganweni kaJehova. Kuyo izidingo zethu ezingokomoya zinakekelwa kakhulu. Imihlangano yebandla, imihlangano yesifunda neyesigodi isishukumisela ukuba sikhule ngokwengeziwe ngokomoya futhi sisimame, uma nje siba khona njalo kuyo ukuze sizuze. (Heb. 10:24, 25) Isimiso sasikhathi sonke sokufunda iBhayibheli, omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nezincwadi ezikhuluma ngokudla okuqinile kweZwi likaNkulunkulu siyokwenza ukuba izimpande zethu ezingokomoya zijule futhi ziqine. (Heb. 5:14) Ukuzibekela imigomo yomuntu siqu engokomoya nokusebenza ngenkuthalo ukuba siyifinyelele nakho kuyoletha izinzuzo ezihlala njalo.—Fil. 3:16.
3 Usizo Esilunikezwa Abantu Abavuthiwe: Yanuleka ebudlelwaneni bakho nabantu abavuthiwe ngokomoya ebandleni. Bazi abadala, ngoba yibona ngokuyinhloko abangasiqinisa. (1 Thes. 2:11, 12) Yamukela noma isiphi iseluleko noma ukusikisela abangase bakunikeze. (Efe. 4:11-16) Izinceku ezikhonzayo nazo zinesithakazelo ekusizeni abanye ukuba baqine okholweni, ngakho iya kulaba bazalwane ukuze uthole isikhuthazo.
4 Ingabe uyaludinga usizo enkonzweni? Xoxa nabadala futhi ucele usizo. Mhlawumbe ungafakwa esimisweni esibizwa ngokuthi Amaphayona Asiza Abanye. Ingabe usanda kubhapathizwa? Ukufunda incwadi Ukuhlelelwa nokusebenzisa lokho ekuqukethe kuyokwenza uthuthukele ekuvuthweni ngokomoya. Ingabe ungumzali? Qhubeka uqinisa ingokomoya lezingane zakho.—Efe. 6:4.
5 Ngokugxila nangokusimama okholweni, sijabulela ubuhlobo obuseduze noJehova nobudlelwane obufudumele nabafowethu. Lokhu kusenza simelane nokuhlasela kukaSathane, futhi kuqinise ithemba lethu lekusasa laphakade.—1 Pet. 5:9, 10.