Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/04 k. 2
  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SeMihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-October 11
  • Isonto Eliqala Ngo-October 18
  • Isonto Eliqala Ngo-October 25
  • Isonto Eliqala Ngo-November 1
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 10/04 k. 2

ISimiso SeMihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-October 11

INgoma 219

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Khuluma ngamalungiselelo ensimu engabelwe empelasonto ka-October 30, 31, 2004. Bakhuthaze bonke ukuba balusekele lolu hambo lokugcina.

20 imiz: “Masiliphakamise Kanyekanye Igama Lakhe.”a Kufanele isingathwe unobhala webandla asebenzise imibuzo elungiselelwe. Yisho umhlangano wesigodi ibandla elabelwe kuwo. Amanye amaphuzu asesenezelweni angagcizelelwa kuye ngokwesidingo. Ekuphetheni, yisho imibuzo emibili noma emithathu esesihlokweni esithi “Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele,” okuzoxoxwa ngaso eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elizayo.

15 imiz: “Ukuba Khona Njalo Emihlanganweni—Kuyinto Eza Kuqala.”b Hlela ukuba kube noyedwa noma ababili abazokhuluma ngezinyathelo abazithathile ukuze bakwazi ukuba khona kuyo yonke imihlangano yebandla.

INgoma 69 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 18

INgoma 127

5 imiz: Izaziso zebandla.

20 imiz: “Ukudla Okungokomoya Ngesikhathi Esifanele.”c Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Lapho nixoxa ngesigaba 2, yiba noyedwa noma ababili ezilalelini abazothi qaphu qaphu ngomhlangano wesigodi ongalibaleki ábaya kuwo. Ekuphetheni, yisho imibuzo emibili noma emithathu esesihlokweni esithi “Yibani Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu,” okuzoxoxwa ngaso eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elizayo.

20 imiz: Nikeza Ubufakazi Ukuze Usekele IZwi LikaNkulunkulu. Ingxoxo nezilaleli esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, amakhasi 256-7. Singabusebenzisa kanjani ubufakazi obungekho eBhayibhelini ukuze sisize abantu babone ukuba nengqondo kwemiBhalo? Cela izilaleli ukuba ziphendule imibuzo elandelayo: Iziphi izibonelo ezisendalweni esingazikhomba ezifakazela ukuthi ukhona uMdali? (rs-ZU 87-8) Singakusebenzisa kanjani okushiwo yizazi ukuze sisize abanye babone ukuthi iBhayibheli yiZwi likaNkulunkulu ngempela? (rs-ZU 62-4) Yimuphi umfanekiso noma isiqhathaniso esingasisebenzisa ukuze sisize abanye babone isizathu sokuba uNkulunkulu avumele ububi? (rs-ZU 229) Iziphi izindaba noma izibonelo oye wazisebenzisa ukuze usize abanye bakwazise ukuhlakanipha kokulalela iseluleko seBhayibheli?

INgoma 165 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 25

INgoma 56

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 12 (uma kufaneleka ensimini yenu), bonisa indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-November 1 ne-Phaphama! ka-November 8. Entshumayelweni ngayinye, bonisa indlela ehlukile yokuphendula ngesu ozama ukuvimba ingxoxo ngokuthi “Anginasithakazelo koFakazi BakaJehova.”—Bheka incwadi Ukubonisana, ikhasi 17.

15 imiz: “Ubunye Bangempela BobuKristu—Bungatholakala Kanjani?”d Lapho senixoxa ngesigaba 5, cela izilaleli zisho okwenzeke kuzo ngokwazo emhlanganweni wezizwe, ezakhiweni ezingokwasezulwini, noma emsebenzini wokusiza lapho kunezinhlekelele okuqhakambisa ubunye bethu bobuKristu.

20 imiz: “Yibani Ngcwele Kukho Konke Ukuziphatha Kwenu.”e Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Cela izilaleli zisho indlela ezibone kumdumisa ngayo uJehova ukuziphatha okuhle emihlanganweni yesigodi. Ekuphetheni, yisho imibuzo emibili noma emithathu esesihlokweni esithi “Ukubukeka Okumsulwa Nokutusekayo,” okuzoxoxwa ngaso eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elizayo.

INgoma 62 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-November 1

INgoma 15

10 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini. Ngo-November sizohambisa incwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Bukeza kafushane ukusikisela kokuhambisa le ncwadi okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2004, ikhasi 3 bese wenza umboniso wenye yalezo zintshumayelo. Uma kungasebenza kangcono intshumayelo ehlukile ensimini yebandla, kungaxoxwa ngayo futhi kusetshenziswe yona. Uma isikhathi sivuma, cela izilaleli ukuba zisho indlela eziye zayisebenzisa ngayo le ncwadi enkonzweni.

15 imiz: “Singabasiza Kanjani Abangakholwa Abashade NoFakazi?”f Xoxa noyedwa noma ababili ábaba izinceku zikaJehova ngenxa yesibonelo esihle esabekwa abayeni babo noma omkabo ababamukele iqiniso.

20 imiz: “Ukubukeka Okumsulwa Nokutusekayo.”g Sebenzisa imibuzo elungiselelwe. Uma isikhathi sivuma, funda futhi ukhulumele imiBhalo ekhonjiwe.

INgoma 175 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

c Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

d Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

e Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

f Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

g Isethulo masibe ngaphansi komzuzu, bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela