Ukuba Khona Njalo Emihlanganweni—Kuyinto Eza Kuqala
1 Imikhaya yamaKristu yenza ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kube yinto eza kuqala. Kodwa izinto okumelwe umuntu azenze ekuphileni namuhla zingaba inselele. Ingabe imisebenzi yasekhaya, umsebenzi wokuziphilisa, noma umsebenzi wesikole isiqala ukudla isikhathi ebesibekelwe ukukhulekela uJehova? Ukubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo kuyosisiza ukuba silondoloze umbono wethu wezinto eziza kuqala.—1 Sam. 24:6; 26:11.
2 Ngokutheza izinkuni ngeSabatha, enye indoda engumIsrayeli yawushaya indiva ngamabomu umbono kaJehova. Kungenzeka yayizitshela ukuthi inakekela umkhaya wayo noma yayithi lokhu kwakumane nje kuyinto encane. Nokho, ngesahlulelo asikhipha uJehova wabonisa ukuthi kuyisenzo esibi kakhulu ukwenza imisebenzi yansuku zonke ngesikhathi esibekelwe ukukhulekela.—Num. 15:32-36.
3 Ukubhekana Nenselele: Kwabaningi kuwumshikashika ukwenza ukuba umsebenzi ungangqubuzani nokuba khona emihlanganweni. Abanye baye bahlangabezana nale nselele ngokuxoxa nabaqashi babo, ngokushintshana nabasebenza nabo ngezikhathi zokusebenza, ngokufuna umsebenzi ovumelana kangcono nabo, noma ngokwenza indlela yabo yokuphila ibe lula. Ngokuqinisekile, ukuzidela okunjalo ngenxa yokukhulekela kweqiniso kuyamjabulisa uNkulunkulu.—Heb. 13:16.
4 Umsebenzi wesikole nawo ungaba inselele. Omunye osemusha wathi: “Omunye umsebenzi wesikole ngiwenza ngaphambi kokuba ngiye emihlanganweni bese kuthi osele ngiwenze uma ngibuya.” Uma izingane zingakwazi ukuwuqeda wonke umsebenzi wesikole eziwabelwe ngezinsuku zokuya emihlanganweni, abanye abazali baye babachazela othisha ukuthi ukuya emihlanganweni yobuKristu kuyinto eza kuqala emikhayeni yabo.
5 Ukubambisana nokuhlela kahle yikona okwenza umkhaya ukwazi ukuqeda imisebenzi yasekhaya ukuze uye emihlanganweni ngesikhathi. (IzAga 20:18) Ngisho nezingane ezincane zingafundiswa ukuba zigqoke zilungele ukuya emhlanganweni ngesikhathi esibekiwe. Ngesibonelo sabo, abazali bangagcizelela ezinganeni zabo ukubaluleka kwemihlangano.—IzAga 20:7.
6 Njengoba ziya zanda izingcindezi zesimiso sezinto samanje, kubalulekile ukuba sibe khona njalo emihlanganweni yebandla. Kwangathi singaqhubeka sibheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo, senze ukuba khona njalo emihlanganweni kube yinto eza kuqala.—Heb. 10:24, 25.