Qaphelisisa Indlela Osebenzisa Ngayo Isikhathi
1. Ibuphi ubunzima abantu ababhekene nabo yonke indawo?
1 Kule nkathi yemishini eyonga isikhathi nomsebenzi, abaningi bazithola benezinto eziningi okumelwe bazenze kodwa benesikhathi esincane abangazenza ngaso. Ingabe ukuthola kunzima ukugcina isimiso esihle esingokomoya? Ingabe ufisa sengathi ngabe ubunesikhathi esengeziwe senkonzo? Singasisebenzisa kanjani kangcono kakhulu isikhathi sethu?—IHu. 90:12; Fil. 1:9-11.
2, 3. Isibekela yiphi inselele intuthuko yobuchwepheshe bezokwaziswa, futhi ngamunye wethu angazihlola kanjani?
2 Zibone Izinto Ezidla Isikhathi: Sonke kufanele silokhu sihlola indlela esisebenzisa ngayo isikhathi sethu. IBhayibheli liyakhuthaza: “Qaphelisisani ukuthi indlela enihamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo, nizithengisisela ithuba, ngoba izinsuku zimbi.” (Efe. 5:15, 16) Cabanga ngezinselele esizibekelwa intuthuko yobuchwepheshe bezokwaziswa. Nakuba ama-computer neminye imishini ye-electronic inalo usizo, ingaba ugibe uma sihluleka ukuqaphelisisa indlela esisebenzisa ngayo isikhathi.—1 Kor. 7:29, 31.
3 Ngamunye wethu kufanele azibuze: ‘Ingabe ngichitha isikhathi usuku ngalunye ngifunda noma ngiphendula ama-E-mail ayisicefe? Ingabe ngivame ukushaya ucingo noma ukubhala ama-E-mail ngixoxe izindaba ezingasho lutho? (1 Thim. 5:13) Ingabe ngizithola ngiphuma ngingena ezingosini ze-Internet noma ngishintshashintsha iziteshi zethelevishini ngokungenanjongo? Ingabe ukuthanda imidlalo ye-computer sekuqala ukudla isikhathi sami sokutadisha iZwi likaNkulunkulu?’ Izinto ezinjalo zingalonakalisa ingokomoya lethu singanakile.—IzAga 12:11.
4. Iluphi ushintsho olwenziwa omunye omusha, futhi ngani?
4 Sisebenzise Ngokuhlakanipha Isikhathi: Imishini ye-electronic ivama ukuthatha isikhathi nezingqondo zethu. Omusha owayeyithanda kakhulu imidlalo ye-computer wavuma: “Ngezinye izikhathi kwakuthi uma kade ngidla nge-computer ngaphambi kokuya ensimini noma emhlanganweni wobuKristu, ngikuthole kunzima kakhulu ukugxilisa ingqondo. Cishe ngaso sonke isikhathi ngangicabanga ngokuthi uma ngifika ekhaya ngizothuthukisa kanjani ekudlaleni kwami. Salimala isifundo sami siqu nokufunda iBhayibheli. Yaqala ukuncipha injabulo yami ekukhonzeni uNkulunkulu.” Ebona ukuthi kwakudingeka ashintshe, wayicisha yonke imidlalo yakhe kuyi-computer. “Kwakunzima ngempela lokho,” ekhumbula. “Ngangingacabangi ukuthi ngiyithanda kangaka le midlalo. Kodwa futhi ngaba nomuzwa omnandi kakhulu wokunqoba ngoba ngangazi ukuthi kwakuzozuzisa mina.”—Math. 5:29, 30.
5. Singasithenga kanjani isikhathi sokwenza izinto ezingokomoya, futhi kusizuzisa ngani ukwenza kanjalo?
5 Kungase kudingeke wenze okufanayo uma kukhona izindawo okufanele ulungise kuzo. Ingabe ungasithenga isigamu sehora usuku ngalunye ngokuyeka okuthile okungabalulekile? Kungadingeka isikhathi esingako ukuze uqede ukufunda iBhayibheli ngonyaka owodwa. Yeka ukuthi kuzuzisa kangakanani lokho ngokomoya! (IHu. 19:7-11; 119:97-100) Beka isikhathi esiqondile sokufunda iBhayibheli, ukulungiselela imihlangano nesokuya enkonzweni. (1 Kor. 15:58) Lokho kuyokusiza ukuba ulawule izinto ezidla isikhathi futhi kuyokusiza ukuba ‘uqhubeke uqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’—Efe. 5:17.