Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/04 k. 3
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Iphele Ngesikhathi, Ihlukaniswe Ngokufanele
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Isiphetho Esifanele Nokulinganiswa Kwesikhathi Sakho
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Qalisani Futhi Niphethe Imihlangano Ngesikhathi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Indlela Yokulungiselela UMhlangano Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2004
km 1/04 k. 3

IBhokisi Lemibuzo

◼ Singaqinisekisa kanjani ukuthi siyagcinwa isikhathi emihlanganweni yebandla?

Isikhathi sivele sihambe ngokushesha lapho sixoxa nabangane ngokuthile okujabulisayo. Ngenxa yalesi sizathu, kungase kube yinselele ukuziqeda ngesikhathi esabiwe izinkulumo emihlanganweni yebandla. Yini engasisiza?

Qala ngesikhathi. Lapho ibandla lonke lihlangana, kungase kube usizo ukucela izilaleli ukuba zihlale phansi emzuzwini owodwa noma emibili ngaphambi kokuba isimiso siqale ukuze umhlangano uqale ngesikhathi esimisiwe, ngendlela ehlelekile. (UmSh. 3:1) Imihlangano ehilela amaqembu amancane, njengemihlangano yenkonzo yasensimini, kufanele iqalwe ngesikhathi kungalindwa labo abangase bafike ngemva kwesikhathi.

Lungiselela kahle. Isihluthulelo sokugcina isikhathi ukulungiselela kusengaphambili. Yiqonde ngokucacile injongo yesabelo sakho. Bona ukuthi yimaphi amaphuzu ayinhloko, uqokomise wona. Gwema ukuchezukiswa endabeni yimininingwane engabalulekile. Yenza ukuba inkulumo yakho iqondakale kalula. Uma inkulumo yakho ihlanganisa nemiboniso noma izingxoxo nabathile, yenzeni ngokoqobo kusengaphambili. Njengoba uyenza, kala isikhathi ngezinga ongenza ngalo.

Hlukanisa inkulumo yakho. Kungakhathaliseki ukuthi isabelo sakho siyinkulumo noma ingxoxo nezilaleli, ungase ukuthole kuwusizo ukuba uhlukanise inkulumo yakho ibe izingxenye. Nquma ukuthi singakanani isikhathi ozosisebenzisa engxenyeni ngayinye bese usibhala eceleni ohlakeni lwakho. Lapho usuyibeka inkulumo yakho, qaphela isikhathi. Enkulumweni eyingxoxo nezilaleli, gwema ugibe lokuvumela izimpendulo eziningi kakhulu engxenyeni eyisingeniso kuze kudingeke ukuba nidlule ngokushesha emaphuzwini abaluleke kakhulu avela kamuva. Abaqhubi beSifundo Se-Nqabayokulinda kufanele benze ukuba kube nesikhathi esanele sokucabangela ibhokisi lokubukeza elisekugcineni. Kufanele baqaphele futhi ukuba bangadli isikhathi sengoma yokuphetha nomthandazo.

Phetha ngesikhathi. Uma umhlangano unezinkulumo eziningana, njengoMhlangano Wenkonzo, isikhulumi ngasinye kufanele siqaphele ukuthi inkulumo yaso iqala nini futhi iphela nini. Yini engenziwa uma kubonakala sengathi umhlangano ngeke uphele ngesikhathi? Umzalwane oyedwa noma abengeziwe bangase bakwazi ukunciphisa izinkulumo zabo ngokugxila emaphuzwini abalulekile beqe amanye angabalulekile. Uma umuntu ekwazi ukwenza lokhu kuwuphawu lokuthi ungumfundisi onekhono.

Njengezilaleli, singamsiza umzalwane obeka inkulumo ngokunikeza izimpendulo ezimfushane, ezishaya emhloleni. Ngakho-ke, sonke singaba nengxenye ekwenzeni ukuba imihlangano iqhutshwe “ngokufaneleyo nangohlelo.”—1 Kor. 14:40.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela